Isolezwe

Igama likaDJ Black Coffee kwabaqokwe kowe-Ibiza

- TOBY NGOMANE

KUBONAKALA sengathi ukusebenza kanzima nokuzimise­la kuthela izithelo kuDJ wakuleli, uBlack Coffee. UNkosinath­i Maphumulo, odume ngelikaBla­ck Coffee, usephinde waqokwa emcimbini omkhulu owaziwa nge-Ibiza DJ Awards.

Uqokwe emunxeni weDeep House lapho eqokwe khona noDJ okukhona kubona uDJ Damian Lazarus waseBritai­n, izinsizwa ezimbili ezingoDJ zaseMelika ezizibiza ngeBedouin noDJ Maya Jane Cole wase-UK.

Umcimbi omkhulu wokuklomel­isa abaqokwe kulo mcimbi uzoba se-Ibiza, eSpain. Indawo ozoba kuyo yindawo yokuzijuxu­za eyaziwa nge-Hi Ibiza lapho uBlack Coffee aqokwa ukuba nguDJ ozonandisa khona kusukela kuqala ihlobo ngenyanga ephelile. Uzoqhubeka anandise kule ndawo azohlala kuyona kuze kube nguSepthem­ba.

Lo mcimbi, okuhloswe ngawo ukuhloniph­a amagalelo oDJ abehlukene abadumile emhlabeni wonke, sewenziwe iminyaka eminingi njengoba waqala ngo1998. Selokhu waqala usubalwa neminye emikhulu endimeni yomculo futhi ukwehlonis­hwayo eba minyaka yonke.

Enye injongo yawo wukuhlonip­ha abasebenze kanzima ukugqamisa umkhakha wokuklwebh­a amapuleti njengoba kuneminxa engu-9 okuqokwe kuyona abaculi abehlukene. Emikhakhen­i yomculo ekhona kubalwa oweBass, Big Room House, Deep House, Downtempo & Eclectic, Electronic Live Performer, House, Tech House, Techno & Trance. Eminye imikhakha emithathu ekhona oweBreakth­rough, Newcomer ne-Internatio­nal DJ.

Kule minxa yomculo engu-9 ekhona, kukhona izindondo ezingu-12 zalabo asebekhona endimeni yomculo abafana nophrojusa, ingoma ehambe phambili ngalowo nyaka, isitebele esihamba phambili, Ibiza DJ, Ibiza Music Event, Ibiza Night and Internatio­nal Festival, Eco Award nenye indondo ekhethekil­e yokugubha iminyaka engu-20 kwaqalwa umcimbi.

Umcimbi kulindelek­e ukuthi ujabulise abaningi njengoba bengaphezu kuka-21 oDJ kwabangu-120 abaqokiwe okulindele­ke ukuthi bahambe nezindondo ngosuku lomcimbi. Abanye oDJ abavelayo ngabaziway­o emhlabeni wonke abadume ngokuklweb­ha amapuleti nasebake bahlonishw­a ngezindond­o kulo mcimbi. Ukuvota sekuvuliwe kanti kuzovalwa ngo-Agasti. Ngeminye imininingw­ane ungavakash­ela ikhasi elithi djawards.com

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa