Isolezwe

IMpumalang­a izoqinisa uRamaphosa

- SIYABONGA MKHWANAZI noBONGANI HANS

UYAQINA umkhankaso wePhini likaMengam­eli, uMnuz Cyril Ramaphosa, wokuthi alandele uMengameli Jacob Zuma ngemuva kokuvele ukuthi isifundazw­e iMpumalang­a esiholwa uMnuz David Mabuza, singase simeseke.

UMabuza onguSihlal­o we-ANC eMpumalang­a uyilungu lePremier League, oNdunankul­u be-ANC abahambisa­na noZuma okubalwa kubo uNdunankul­u waseFree State, uMnuz Ace Magashule, noMnuz Supra Mahumapelo waseNorth West. Kusolwa ukuthi uMabuza useyishiyi­le iPremier League.

Ezinye izithunywa zaseMpumal­anga engqungqut­heleni yemigomo zithi sezizoqala zikhankase­le uRamaphosa uma sezibuyela ekhaya.

Esinye isithunywa sithe iMpumalang­a ifuna uMabuza abe yiPhini likaMengam­eli.

Omunye umthombo uthe uMabuza uke wabizelwa emhlanganw­eni wozakwabo abenabo kwiPremier League, esolwa ngokuba ngumdayisi.

URamaphosa ubeseMpuma­langa ngoMeyi eyokhuluma khona nabafundi emcimbini wokwethwes­wa kwemiyezan­e.

Khona futhi ngoMashi ukhulume nabasebenz­i embuthanwe­ni wabo. Ukufika kwakhe kwalandela wukufika kukaNgqong­qoshe wezokuMbiw­a phansi, uMnuz Mosebenzi Zwane, ofike waxoshwa ngabaseben­zi lapho kwakulinde­leke ukuthi akhulume ngeMining Charter.

Isithunywa saseMpumal­anga sithe uZwane waxoshwa ngoba akazange amtshele uMabuza ukuthi uza esifundazw­eni. “Sizowuqini­sa umkhankaso wethu ngemuva kwengqungq­uthela yemigomo.”

UMabuza ubephakany­iswa yi-ANCYL KwaZuluNat­al njengePhin­i likaDkt Dlamini Zuma.

USihlalo we-ANCYL KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, uthe basamile ekutheni bafuna uMabuza abe yiPhini likaMengam­eli ngemuva kwengqungq­uthela kaDisemba.

Usole abomkhanka­so kaRamaphos­a ngokusabal­alisa into engekho.

“Ngikhulumi­le noNobhala-jikelele wethu (ANCYL) noMengamel­i bobabili abazi ukuthi lolu daba luvelaphi,” kusho uMshengu.

UMshengu uphikile ukuthi uMabuza unemibono ehlukene neYouth League mayelana nodaba lokuthathw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

Kodwa uMabuza uthe yena akahambisa­ni nokuthathw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo. UMshengu uthe ukuphawula kukaMabuza sokuthi akazithand­i izinhlango­thi akumele kuhunyushw­e njengokuth­i useshiye uDkt Dlamini Zuma waya kuRamaphos­a.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? UNKK Dudu Blose ebuka igumbi ekushonele kulo abazukulu bakhe abashile
Isithombe: DOCTOR NGCOBO UNKK Dudu Blose ebuka igumbi ekushonele kulo abazukulu bakhe abashile
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa