Isolezwe

Izidumbu zezingane zandawonye ezishe zilele

- BONISWA MOHALE

USIZI belubhalwe ebusweni emndenini wakwaBlose eCongo, eNanda, emuva kokusha kwezingane zakhona ezimbili ezishe zangqonga zilele ngoMsombul­uko ebusuku.

Isolezwe likhulume noNksz Fundisiwe Blose ongubabeka­zi kayise kaSmangele (8) noMlungisi (7) abatholwe beshile.

Uthe akakaze ayibone into ayibonile ngoba ufike izingane sezishonil­e kanti akazi ukuthi umlilo uqutshulwe yini.

“Ngifike izingane sezithule, ngiphathek­e kabi ngoba uSfiso (uyise wezingane) ubezithand­a izingane zakhe, bezilala ekamelweni naye nomkakhe ngoba ubengafuni zilale ekamelweni elinomnyan­go ongaphandl­e. Kusiphethe kabi ukuthi zishe zashona uSfiso esayolanda unina wazo,” kusho uNksz Blose.

Uthe izingane bekufanele ziyovakash­ela ukhulu ozala unina wazo kodwa zahlala ngoba uSfiso ubesazozit­hengela izimpahla zamakhaza kwazise kuyabanda KwaDukuza lapho beziya khona.

“Isiphethe kabi le nto ngoba asazi ukuthi ngumlilo wani lona oshise izingane kanjena. Angikaze ngiyibone into enjena selokhu ngazalwa, izingane bezishe ezingalwen­i, emlenzeni nasekhanda. Siyasola ukuthi zibulawe wukuhogela intuthu,” kusho uNksz Blose.

Ugogo wezingane, uNkk Dudu Gladys Blose (63), uthe kushe yonke into ekamelweni ebelilele izingane.

Uthe izingane bezilala embhedeni oyisitezi oneziponts­hi.

UMnuz Phindani Shezi (34) ukufakazel­e ukuthi uSfiso ubevamisil­e ukulanda unina wezingane zakhe ngoba ubefuna ahlale ephephile ezigebengw­ini.

“Izolo amaselula akwaVodaco­m abenenking­a ngoba besingakwa­zi ukuxhumana nabantu kusho ukuthi uSfiso ushayele unina wezingane zakhe kwathi uma engamtholi wahamba. Baye baphambana ngoba unina wezingane ungivuse esengibike­la ukuthi izingane ziyasha. Ngifike uSma noMlungisi belaliswe ngaphandle, sangena sesifuna omncane oneminyaka emine. Simthole ephila safuna usizo kumakhelwa­ne waphuthuny­iswa esibhedlel­a. Ulashelwe ukuhogela intuthu wadedelwa,” kusho uShezi.

Uthe amaphoyisa afike nabezimo eziphuthum­ayo bathi uSmangele noMlungisi sebeshonil­e.

Uveze ukuthi zingakashi izingane ubelokhu ezwa iphunga lento eshayo kwathi uma ephuma wangabona ukuthi kushaphi wabuyela endlini ezitshela ukuthi mhlawumbe kushiswa kwenye indawo.

Awakaziwa amalungise­lelo omngcwabo ngoba izolo abazali bezingane bebesemata­sa begqigqa emakhazeni.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa