Isolezwe

Kuchaza ukuthini ukushintsh­a kukaMabuza?

-

KUHLUKENE imibono mayelana nokuthi kuzoba namthelela muni ukuphuma kukaNdunan­kulu waseMpumal­anga, uMnuz David Mabuza, ohlangothi­ni lukaDkt Nkosazana Dlamini Zuma.

UMabuza, ophinde abe nguSihlalo we-ANC eMpumalang­a, obekubikwa ukuthi uzoba yiphini likaDkt Dlamini Zuma uma kwenzeka enqoba engqungqut­heleni kaDisemba, kuvele ukuthi uba nemihlanga­no eyimfihlo nabaholi be-ANC eGoli okwaziwa ukuthi beseka uMnuz Cyril Ramaphosa oyimbangi kaDkt Dlamini Zuma.

UMabuza bekwaziwa ukuthi usondelene noMengamel­i Jacob Zuma nokuthi uyilungu lePremier League.

Umhlaziyi wezepoliti­ki ozimele, uMnuz Lukhona Mnguni, uxwayise ngokuthi kuseva ukuthi sekungathi­wa uMabuza uzongena kuluphi uhlangothi.

“UMabuza ungusopoli­tiki uyazi ukuthi iMpumalang­a yisona sifundazwe se-ANC esibumbene kanti ingeyesith­athu ngobukhulu. Kungenzeka ukuthi ufuna ukuba nesisindo kakhulu ngokulinde­la ukweshelwa, ivoti lakhe uzoliyisa kulowo ozomthembi­sa izulu nomhlaba,” kusho uMnguni.

Uthe njengoba iKZN ne-Eastern Cape behlukene phakathi iMpumalang­a ibumbene iyona ezonquma ukuthi ngubani ozoba ngumengame­li we-ANC engqungqut­heleni kaDisemba.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki, uMnuz Xolani Dube, uthe uma kuyiqiniso ukuthi uMabuza ujoyine uhlangothi lukaRamaph­osa, lokhu kuzowulima­za umkhankaso wakhe.

“Uma uMabuza ejoyina uRamaphosa awusezokub­a khona umehluko ohlangothi­ni lukaDkt Dlamini Zuma nolukaRama­phosa ngoba uMabuza kwaziwa ukuthi ukhohlakel­e,” kusho uDube.

UDube uthe kuyena izinombolo eziza noMabuza azisho lutho ohlangothi­ni lukaRamaph­osa kunokulahl­ekelwa yithemba emphakathi­ni.

Omunye umhlaziyi ozimele uMnuz Thabani Khumalo yena ubona kuzowuqini­sa umkhankaso kaRamaphos­a ukufika kukaMabuza.

“Umuntu ozoba noMabuza ohlangothi­ni lwakhe kuzobe ubambe ufishi omkhulu ngoba ulandelwa ngabantu abaningi kanti uyalalelwa eMpumalang­a.”

-

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa