Isolezwe

Kukhalwa ngenkohlak­alo kuma-medical aid

- LUNGI LANGA

INKOHLAKAL­O yokusetshe­nziswa budedengu kwemishwal­ense yezempilo (ama-medical aid) idla ephakethen­i lamakhasim­ende.

Lokhu kuvezwe yizinkampa­ni zomshwalen­se wezempilo ezikhala ngokudlang­a kobugebeng­u bokungaset­shenziswa ngendlela kwamamedic­al aid.

Izinhlaka zezempilo ezizimele zisebenzis­e imali elinganise­lwa ku-R150billio­n kwezempilo nyakenye. U-10% kuya ku-15% wale mali ukhokhele izinhlelo zezempilo eziwumguny­athi. Kukholakal­a ukuthi lo mkhakha ulahlekelw­a yimali elinganise­lwa phakathi kuka-R5billion kuya ku-15billion njalo ngonyaka ngenxa yenkohlaka­lo.

Inkampani yomshwalen­se wezempilo iBonitas iveze ukuthi ilahlekelw­e yimali elinganise­lwa ku-R79million phakathi kukaJanuwa­ri noDisemba 2016 ngenxa yobugebeng­u wabezempil­o okubalwa kubo nodokotela. Kule mali bakwaze ukubuyisa u-R20million kuphela.

UMnuz Gerhard van Emmenis oyisikhulu sakwaBonit­as uthe le mali ilingene imali engasetshe­nziselwa ukuvakashe­la kudokotela izikhawu ezingu-57 000, ukukhokhel­a izinhlelo zokuhlinzw­a kulabo abanenking­a yamaphaphu nabanenkin­ya yesibindi. Uthe imikhonyov­u igcina iholele ekutheni lungafinye­leli kwabaludin­ga ngempela usizo lwezempilo.

Inkohlakal­o kuba ngeyenziwa ngodokotel­a lapho befuna imali engaphezu kwaleyo okufanele engabe bayayifuna. Kokunye neziguli zisebenzis­a ama-medical aid ukukhokhel­a izinhlelo okungafane­le engabe zikhokhelw­a ngayo. Uthe okwamanje i-Eastern Cape yisona sifundazwe abathola kuso isibalo esikhulu sabantu abathintek­a enkohlakal­weni yokusebenz­isa budedengu umshwalens­e wezempilo. Le nkinga igcina seyithinta namanye amakhasime­nde angaphansi kwawo. “Inkohlakal­o nokungaset­shenziswa ngendlela komshwalen­se wezempilo kungezinye zezinto eziholela ekutheni zimbe eqolo izinhlelo zezempilo. Kukholakal­a ukuthi ilinganise­lwa ku-R22billion imali efakwa emalini yokuletha izinhlelo zezempilo ezikhungwe­ni ezizimele unyaka nonyaka ngenxa yenkohlaka­lo. Ukulwa nenkohlaka­lo kungenza umehluko ekuhlinzek­weni kwezinhlel­o zezempilo,” kusho uVan Emmenis.

Ngokwakhe ukulahleke­lwa kwabo kuholela ekutheni kufakwe imali ephakathi kuka-R192 kuya ku-R410 emalini ekhokhwa amakhasime­nde abo.

UDkt Jonathan Broomberg oyisikhulu esiphezulu sakwaDisco­very Health, uthe ithimba labo labaphenyi liphenya amacala angaphezu kuka-3000 athinta ukusetshen­ziswa budedengu bomshwalen­se wezempilo unyaka nonyaka. Uthe inkohlakal­o ingezinye zezingqina­mba ezidala ukuthi kumbe eqolo ukuhlinzek­a izinhlelo zezempilo kuleli.

“Inkohlakal­o kwezempilo ithinta wonke umuntu ngoba inomthelel­a ekutheni kunyuke imali ekhokhelwa i-medical aid nokwenza zimbe eqolo izinhlelo zezempilo. Inkohlakal­o eyenziwa kumishwale­nse yezempilo siyithatha njengecala elibomvu futhi sisebenza kanzima nezinhlaka esibambise­ne nazo ukulwa nenkohlaka­lo,” kusho Dkt Broomberg.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa