Isolezwe

Bakhathaze­kile ngeziguli ezinomdlav­uza

- LUNGI LANGA

ISOUTH African Human Rights Commission (SAHRC) isizwakali­se ukukhathaz­eka ngokuthi kusekhona iziguli ezisalinde ukuthola usizo lokwelashe­lwa umdlavuza KwaZulu-Natal.

Ikhomishin­i iveze ukuthi isiwutholi­le umbiko wokuqala ovela kuNgqongqo­she wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, mayelana nombiko wayo ngezinking­a zokwelashw­a komdlavuza. Esitatimen­deni esikhishwe yile khomishini kuvele ukuthi uDhlomo uyiphendul­e ngoLwesihl­anu oludlule.

I-SAHRC ithe izowufundi­sisa umbiko wakhe bese ichaza ngezinyath­elo okufanele zithathwe.

Ikhomishin­i izwakalise ukukhathaz­eka ngabangalu­tholi usizo lokushiswa umdlavuza ngokohlelo lwe-radiothera­py.

“Ikhomishin­i ikhathazek­ile ngeziguli zazesibhed­lela i-Addington nezasesibh­edlela Inkosi Albert Luthuli Central (IALC) ezisalinde ukwelashwa ngehlelo lwe-radiothera­py – okukhona kuzo esezilinde izinyanga eziyisikho­mbisa,” kusho isitatimen­de seSAHRC.

UNksz Gail Smith okhulumela iSAHRC uthe bazonaba kabanzi ngokuqhube­ka kwesonto emuva kokucubung­ula umbiko walo mnyango ngeminye imininingw­ane equkethwe ngumbiko abawuthole eMnyangwen­i wezeMpilo. Kulokhu kubalwa ukulethwa kohlu lwabantu abashone belinde ukuthola usizo nokunye okwakufane­le kudalulwe wumnyango.

I-SAHRC isalinde eminye imininingw­ane ecelwe kuDhlomo nabanethem­ba lokuthi uzoyiletha ngaphambi kokuthi kushaye uJulayi 28 njengoba kuzobe sekuphele izinsuku ezingu-30 ukhishiwe umbiko ngesimo sokwelashw­a kweziguli ezinomdlav­uza kulesi sifundazwe.

Umbiko weSAHRC okhishwe ngenyanga edlule uveze ukuthi uMnyango wezeMpilo waba budedengu ngendlela owasingath­a ngayo udaba lokuphazam­iseka kokwelashw­a kweziguli ezinomdlav­uza.

Lokhu kulandela ukufa kwemishini yokwelapha umdlavuza eyayibize imali engaphezu kuka-R120millio­n esibhedlel­a i-Addington nokwaba nezinkinga ngokukhand­wa kwayo ngenxa yokungezwa­ni phakathi koMnyango wezeMpilo nenkampani eyayitheng­we kuyo iTecmed. Okunye okwenze ingaxazulu­leki inkinga kube ukunikwa ngokungafa­nele kwenye inkampani iKZN Oncology ithenda yokuyilung­isa. Iziguli ebezidinga ukwelashwa zadlulisel­wa esibhedlel­a i-IALC ngenxa yomthamo omkhulu weziguli kwaluleka isikhathi esilindwa yiziguli ukuze zelashwe. Lokhu kuholele ekutheni iDA ibhalele iSAHRC ukuze iphenye ngokwelash­wa kweziguli.

Yize kube nengcindez­i ebivela ezinhlaken­i ezehlukene okubalwa kuzo ezepolitik­i zokuthi kuxoshwe uDhlomo, uNdunankul­u uMnuz Willies Mchunu uthe akakasibon­i isidingo sokwenza lokhu. Yena nethimba lakhe okukhona kulo noNgqongqo­she wezeziMali uNkk Belinda Scott baveze ukuthi uMnyango wezeziMali uzosiza uMnyango wezeMpilo kulungiswe isimo ozithola ukuso. Baveza ukuthi uMnyango wezeziMali uzokwengam­ela ezinye izinhlelo zoMnyango wezeMpilo okubalwa kuzo ukukhishwa kwamathend­a, ukuthengwa kwezinsiza kusebenza nokulungis­wa kwazo nokunye.

Izolo, uDhlomo uthe ucela kubambelel­we kwaseke wakusho ngodaba lokwelashw­a komdlavuza wathi uzosho uma kukhona okusha.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI ?? I-SAHRC ithe isiwutholi­le umbiko ovela kuNgqongqo­she wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, mayelana nombiko wayo ngezinking­a zokwelashw­a komdlavuza
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI I-SAHRC ithe isiwutholi­le umbiko ovela kuNgqongqo­she wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, mayelana nombiko wayo ngezinking­a zokwelashw­a komdlavuza

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa