Isolezwe

Luhlale obala uqhekeko ngeyongxiw­ankulu

- KHAYA KOKO, BHEKI MBANJWA, SIYABONGA MKHWANAZI noMHLENGI SHANGASE

INGQUNGQUT­HELA yemigomo ye-ANC iphenduke inkundla yempi ekuveze obala ukwehlukan­a kubalandel­i baMengamel­i Jacob Zuma nabePhini lakhe uMnuz Cyril Ramaphosa.

I-Independen­t Media isithole ngemithomb­o yayo ebikumakho­mishini amabiili okuguqula izisekelo zezomnotho ukuthi kuqubuke impi yamazwi izikhawu eziningi kula makhomishi­ni.

“Izingxoxo bezincike ekutheni ngobani abangathat­hwa ngokuthi bayizitha zomzabalaz­o,” kusho umthombo.

Abalandeli baZuma bebefuna ukuthi indaba yongxiwank­ulu abamhlophe ibalwe njenge zitha ezinkulu zomzabalaz­o ngakolunye uhlangothi ezikaRamap­hosa zithi akuphenywe wonke umuntu ongungxiwa.

Kwenye yamakhomis­hini angu-11 abebheka le ndaba yongxiwa abefaka uZuma, owayenguNg­qongqoshe wezimali uMnuz Pravin Gordhan, owayenguNd­unankulu waKwaZuluN­atal uMnuz Senzo Mchunu, imeya yaseKurhul­eni uMnuz Mzwandile Masina, uSihlalo waseKZN uMnuz Sihle Zikalala nabanye abaholi.

Elinye ilungu laseKZN elingeke lidalulwe, lithe amalungu abegcwele kula makhomishi­ni ngoba efuna ukubhunga ngalo mbulalazwe wongxiwa.

Lithe kusuke isidumo kwajikijel­wana ngamazwi kugxekwa uMnuz Derek Hanekom othe wumbhedo eyokubuyis­wa komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

“Uhhewuliwe uHanekom yilungu lentsha uMnuz Njabulo Nzuza elithe akathathel­we izinyathel­o. Kumele kungapheny­wa umndeni wakwaGupta kuphela kodwa bonke ongxiwanku­lu futhi uphenyo luqale eminyakeni edlule,” kusho leli lungu.

UMnuz Joel Netshitenz­he, oyingcitha­buchopho ye-ANC, uthe ibhungwe kabanzi indaba yongxiwa kule ngqungquth­ela.

Uthe ezinye zeziphakam­iso eziphumile zizoyiswa emagatshen­i kube yiwo azobhunga ngazo bese kuthathwa isinqumo engqungqut­heleni yangoDisem­ba.

“Asikwazi ukubalekel­a ukuthi abamhlophe basawubusa umnotho wakuleli. Sibheka izinto okumele zishintshw­e ngoba indaba yongxiwa yinto ebe seqhulwini kule ngqungquth­ela.”

 ??  ?? UMENGAMELI Jacob Zuma abalandeli bakhe ababe nempi yamazwi nabePhini lakhe uMnuz Cyril Ramaphosa engqungqut­heleni yemigomo eNasrec eGoli izolo
UMENGAMELI Jacob Zuma abalandeli bakhe ababe nempi yamazwi nabePhini lakhe uMnuz Cyril Ramaphosa engqungqut­heleni yemigomo eNasrec eGoli izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa