Isolezwe

‘Eyomhlaba ayifakwe kwezemfund­o’

- MHLENGI SHANGASE EseGoli

UPHIKO lwentsha lwe-ANC KwaZuluNat­al lufuna kuthathwe imali obekuzonxe­shezelwa ngayo labo ababuyisa umhlaba ukuthi ithathwe ifakwe kwezemfund­o ukuze kuxhaswe imfundo yamahhala emanyuvesi.

Lolu phiko luthi kumele ngabe kade yaba khona le mfundo njengoba i-ANC yanquma ngo-2007 ukuthi abafundi kumele baxhaswe baze baphothule iziqu zokuqala.

USihlalo walolu phiko uMnuz Kwazi Mshengu, uthe ngesinye seziphakam­iso abazibeke engqungqut­heleni yenqubomgo­mo eqhubekayo eNasrec eGoli.

Uthe kade yayikhulun­ywa eyale mfundo kodwa akukho mnyakazo, yingakho bethi akuthathwe le mali kuxhaswe le mfundo.

“Uma inkinga kuyimali akuthathwe imali ebizokhokh­elwa labo abanxeshez­elwa ngokubuyis­a umhlaba ifakwe kwezemfund­o. Impela le mali yomhlaba ayifakwe kwezemfund­o. Lokho kuzoxazulu­la izinkinga zemali uhulumeni ahlale ekhala ngazo.”

Uthe ezinye zezifundaz­we ziyabeseka kulesi siphakamis­o ukuze intsha ingasali ngaphandle.

“Baningi abangakwaz­i ukuyofunda ngoba abanayo imali. Yingakho sithi akuzanywe ezinye zezindlela zokuthola le mali. Siphakamis­e nokuthi kufakwe intela kuphethrol­i kuxhaswe le mfundo. Abanezimot­o abakhokhe imali uma befaka uphethroli ukuze kuxhaswe imfundo ngoba yinto esithinta sonke,” kuqhuba uMshengu. Lolu phiko luye kule ngqungquth­ela luthwele ngeqoma udaba lwale mfundo.

UMengameli Jacob Zuma kulindelek­e athole umbiko wekhomishi­ni ebiphenya ngale mfundo njengoba iphothule umsebenzi wayo ngeledlule. Le khomishini ibe nezingcawu ezifundazw­eni ezahlukene ithatha imibono yezinhlaka ezahlukene ngale mfundo.

Yize inyusiwe imali efakwe esikhwamen­i esixhasa abafundi iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS) kodwa le mali ayenele ukuxhasa bonke abafundi.

Abafundi baze bamasha bacekela phansi nempahla kwamanye amanyuvesi befuna le mfundo.

Uhulumeni waze waphoqelek­a ukuthi angayinyus­i imali yokufunda kulabo bafundi abazali babo abahola ngaphansi kuka-R600 000 ngonyaka.

UMshengu uthe basamile ekutheni kubuyiswe umhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

Kuthiwa kuphakame umoya kwezinye zezithunyw­a zakulesi sifundazwe ebezikwikh­omishini ebibheka eyomhlaba ngesikhath­i abanye abaholi be-ANC bethi abahambisa­ni nokuthi umhlaba ubuyiswe ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

Abaholi bentsha kuthiwa baphakamis­e amaphuzu bethi umhlaba kumele udliwe, abantu abagweve nawo banganxesh­ezelwa.

Kuzokhumbu-leka ukuthi i-ANC KwaZulu-Natal iye kule ngqungquth­ela esongwa namhlanje iphethe eyokubuyis­wa komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo njengoba uhlelo lokuwuthen­ga luhamba ngolonwabu.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa