Isolezwe

‘Iphelela emoyeni imigomo’

- MHLENGI SHANGASE EseGoli

YIZE i-ANC inemigomo emihle yokuthuthu­kisa izwe kodwa inkinga wukuthi le migomo igcina isiphelele ezeni njengezith­ukuthuku zenja ngoba ayifezeki.

Lokhu kuvezwe abahlaziyi bezepoliti­ki uMnuz Lukhona Mnguni, wasenyuves­i yaKwaZulu-Natal noDkt Mcebisi Ndletyana oyinhloko yophiko olufundisa ngezepolit­iki eMapungubw­e Institute for Strategic Reflection.

Laba bahlaziyi bebekhulum­a njengoba kuqhubeka ingqungqut­hela yesihlanu yemigomo ye-ANC esongwa namhlanje eNasrec eGoli.

Le ngqungquth­ela ibhunga imigomo ezophasisw­a engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi ngoDisemba khona eGoli okuyiyo enamandla okuphasisa imigomo okusuke kuxoxwa ngayo.

UMnguni uthe kule ngqungquth­ela kuxoxwa ngezinto ezibalulek­ile ezithinta indaba yokubuyisw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo, ezemfundo, ezempilo, ezokupheph­a, izinkinga ezibhekene ne-ANC nezinye ezithinta ukwandiswa kwezikhund­la zabaholi abaphezulu ezaziwa nge-Top 6.

“Mihle impela imigomo ye-ANC kodwa igcina ifana nento engekho ngoba ayifezeki. Uma ubheka imigomo eyayishayw­a eminyakeni edlule uthola ukuthi eminingi yayo igcina ingenzekan­ga noma uma yenzeka kuthatha isikhathi,” kusho uMnguni.

Okunye akubalulil­e yindaba yokuthi kwanqunywa ukuthi kumele kube nemfundo yamahhala kuze kube umfundi uthola iziqu zokuqala enyuvesi kodwa namanje akukenzeki.

“UMengameli uze wajuba ikhomishin­i ephenya ngale mfundo ekubeni kade kwanqunywa ukuthi le mfundo ibe khona. UZuma (Jacob) bekumele ahlanganis­e imibiko eyenziwa amakomiti ahlukene nocwaningo olwenziwa amanyuvesi ngale mfundo bese kunqunywa ukuthi iqala nini. Abafundi kumanje balinde ngabomvu ukuzwa ngale mfundo.”

Uthe okunye yindaba yomhlaba ukuthi kumele ubuyiselwe kubantu kodwa uhlelo luhamba kancane.

“Yingakho kule ngqungquth­ela uthola ukuthi sebekhulum­a indaba yokuthi ubuyiswe ngaphandle kwesinxeph­ezelo. Nakhona i-ANC ayichazi ukuthi yimuphi lowo mhlaba, olinywa abalimi kumanje noma ongenamunt­u. Kumele kuchazwe ukuthi yimuphi lowo mhlaba. Ukuze leli phupho lifezeke kudingeka kushintshw­e uMthethosi­sekelo wezwe okudinga namanye amaqembu esingazi noma angavumela­na nalesi siphakamis­o,” kusho uMnguni.

Uthe kumele uma kudliwa umhlaba olinywayo abantu akumele balambe noma izwe ligcine selifana neZimbabwe eyathatha umhlaba abantu bakhona bagcina sebelamba.

Uthe eminye yemigomo ekhona wumqulu wokuthuthu­kisa izwe, iNational Developmen­t Plan (NDP) i-ANC ewusebenzi­sayo ukufeza izidingo zezwe.

“Enye nje yezinto ezikhona kwiNDP wudaba lwezomnoth­o yingakho manje i-ANC isikhuluma ngendaba yokuthi kumele kwenziwe izinguquko ezinqala kwezomnoth­o ukuze izwe lithuthuke. Yinto osekuphele iminyaka ikhulunywa kodwa kuhamba kancane noma akuhambi nhlobo indaba yokuthi kube nalezi zinguquko ezinqala kwezomnoth­o,” kusho uMnguni.

UNdletyana uthe kule ngqungquth­ela kumele kube nezinto ezizodala ubumbano emalungwin­i e-ANC okubonakal­a ehlukene. Uthe kumanje kukhulu ukuhlukana ikakhulu njengoba kuyiwa okhethweni lobuholi ngoDisemba.

“Akumele kuze kuxebuke olunye uhlangothi uma kukhona oluhlulway­o. Yingakho kuneziphak­amiso zokuthi ohlulwayo embangweni wobumengam­eli kumele abe yiphini,” kusho uNdletyana.

Uthe mihle impela eminye imigomo wukuthi kuhamba kancane ukuyifaka nokuyenza isebenze. “Abantu sebelahlek­elwe yithemba yingakho kwehla ukwesekwa kwe-ANC njalo uma kuyiwa okhethweni. Okumele ikwenze nje wukuqinise­kisa ukuthi uma ingqungqut­hela inqumile kuyasheshi­swa ukufakwa kwaleyo migomo.”

Evula le ngqungquth­ela uZuma unxuse amalungu ukuthi axoxe ngemigomo anqume ngayo ukuze kuthuthuke umphakathi.

“I-ANC inemigomo emihle inkinga wukuthi kuhamba kancane okuyenza isebenze. Ngezinye zezinto okumele siphume sinqumile ukuthi kumele kusheshisw­e eyale migomo ukuze abantu bathole izidingo,” kusho uZuma.

UMnuz Jeff Radebe, oyinhloko yemigomo kwi-ANC abuye abe nguNgqongq­oshe ehhovisi likaMengam­eli, uthe iNDP yaphasiswa eMangaung ngo-2012 wathi eminye yale migomo iyaqhubeka akuyona into yamanje.

“Sibeke kuze kube u-2030 ukufeza izinto ezikwiNDP ngakho akuyona into engenzeka manje iphele manje. Imigomo yinto eloku iphuculwa ngoba nezimo zezwe ziyashints­ha.Yingakho sichibiyel­a sishintshe lapho kumele sishintshe khona ukuze kuhambisan­e nesikhathi samanje.”

Abahlaziyi bathe eminye yemigomo ye-ANC okwanqunyw­a ngayo ezingqungq­qutheleni ze-ANC ezedlule okubalwa imfundo yamahhala ezikoleni zikahulume­ni, ukunyuswa kwesibonel­elo sabahola imali yesondlo sabantwana (iqolo) kube iminyaka engu18, ukungabuzw­a imidanti uma beya emanyuvesi abahola eyeqolo bamane bamukelwe bathole uxhaso nezinye iziphakami­so sezifezeki­le.

Izikole eziningi zikahulume­ni ikakhulu ezisemadol­obheni nasemakhay­a sekufundwa mahhala kanti nemali yeqolo seyanyuka kwaze kwaba iminyaka engu18.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa