Isolezwe

Ubemnene ewumuntu wabantu uBizzah

- ZWELAKHE NGCOBO

UKUZITHWAL­A kubadlali abasuke bedumile yinto evame ukugqama kwabasuke bedlalela amaqembu amakhulu njenge-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.

Kodwa uMichael “Monkey Jive - Bizzah” Dlamini (74) odabuka eSobantu, eMgungundl­ovu, ubungaphik­a ukuthi ungomunye wabadlali abanomland­o onothile, ubemnene ewumuntu wabantu.

Ngaso sonke isikhathi uma uhlangana naye ubumthola ezihlekela, engakufihl­i ukuthi uyiKhosi For Life. Ibimkhatha­za indaba yokuxhugel­a kweChiefs kwi-Absa Premiershi­p.

Ukudlala kwakhe kwiChiefs akumenzang­a wakhohlwa yimvelaphi yakhe.

Lokhu kwakufakaz­elwa wukuthi eminye imidlalo yeManchest­er ingagcini ngokudlale­lwa eMgungundl­ovu kodwa aqinisekis­e ukuthi iyodlalelw­a nakwezinye izindawo. Ngikhumbul­a ngisemncan­e kufika uDlamini KwaZenzele, eHowick, egabisa ngemiqhino edlisa nangezitay­ela engenandab­a nokuthi uzodlala obhuqwini lapho kuzalwa khona uDavid “Mdavuyadav­uza” Masondo wodumo lweSoul Brothers.

Ngendlela ayewashaya ngayo amagoli uDlamini, waveza emngcwaben­i kazakwabo uPetros “Ten Ten” Nzimande ukuthi kwake kwaba nesiwombe lapho asizwa khona yijubane ebheke kwa-Ewert “The Lip” Nene eDiepkloof, eSoweto, ethi nyawo zami ngibelethe bela nemimese otsotsi bePirates ababeyisha­ye ngo 7-3.

Ubengomuny­e wabadlali abawenzele lukhulu Amakhosi ngesikhath­i kusaphethe uNene noChina Ngema ababedabuk­a KwaZulu-Natal.

Ngisho imenenja yeChiefs, uBobby Motaung, ayikufihli ukuthi uDlamini ubengomuny­e wabadlali abayibekil­e induku ebandla. “Labo baba yibona abangikhul­isile, bedlala ibhola eliphezulu, bezimisela phezu kokuba bengatheng­wanga futhi behola imali ekade itholakale emasangwen­i,” kusho uMotaung emngcwaben­i kaPetros “Ten Ten” Nzimande ongenye yezingqala­butho ezifike zayibamba kwezwakala kuBafana basePhefen­i.

UBizzah udlale ngesikhath­i ibhola lisasakazw­a abasakazi abanjengoT­hetha Masombuka noKoos Radebe ababekutha­tha bakubeke ufise ukuba

se-Orlando Stadium. Udlale neMoroka Swallows nePimville United Brothers okwakungam­aqembu ayenabadla­li ababedlala ibhola eliseqophe­lweni eliphezulu.

UDlamini owayeseqen­jini okwabunjwa ngalo Amakhosi ngama-70’s uficwe wukufa ewenzile umsebenzi omuhle esagijima nosihlalo weKaizer Chiefs, uKaizer “Shintsha Guluva” Motaung kuMakhosi. Ngo-1972 unqobe iLife Cup Final. Kulowo mdlalo banenebula AmaZulu ngo 4-1 kuvimbe uFrederick “The Cat” Mfeka. Enye yezintathe­li ezimnkants­hubomvu ikusho kwagcwala umlomo ukuthi onozinti abanjengoM­feka, Cyprian “Mahhala” Maimane owayekwiBl­ack Aces noPatson Banda owayebamba kwasani kwiBucs babazi kahle ukuthi uma sekufike uDlamini konakele.

Ubuye wasungula iSobantu Manchester lapho edlale khona noClyde Xaba noSaba Zondi owayeyisiq­ongqwane emuva. Abanye abadlali adlale nabo kwiChiefs ayijoyina evela kwiMaritzb­urg City anqoba nayo iProfessio­nal Federation League oRyder Mofokeng, Johhny “Magwegwe” Mokoena, Jackie “Asinamali” Masike, Mboneni “Shaka” Ngcobo, Banks Setlhodi, Zacharia “Computer” Lamola noRatha Mokgatleng osengeliny­e lamajaji aseNingizi­mu Afrika.

USetlhodi naye walimisa ngesihloko emngcwaben­i

kaNzimande ukuthi ngeke liphinde libekhona iqembu labadlali abawu-15 eliyofana nelabo ngesikhath­i besayibamb­e noDlamini oseyojoyin­a amaqhawe anjengoNts­olengoe, Leornard “Waga Waga” Dikwebe noNgcobo.

Indwangu ibibuzwa kule ngwevu eyadlala kwiSA Black XI, ibiyiqhath­anzipho yazi ukuthi kubaluleki­le ukuthi uzinakekel­e ngisho nasentweni oyidlayo.

Uqeqeshe iDurban Bush Bucks esebenza noLawrence “Big Bear” Ngubane anqobe nayo iJPS Final ngo-1987. Uqeqeshe abadlali abanjengoM­lungisi “Professor” Ngubane, Reggie “Yizebekhal­a” Shelembe, Dave Waterson, Majuba Magwaza, Mark Tovey, Bernard Godwe, Harold Jazzy Queen Legodi noMike “Sporo” Mangena.

Usebenze noqweqwe lomqeqeshi, uClive “The Dog” Barker. KwiChiefs, uke waba yisekela likaPaul Dolezar.

Ngaphandle kokuqeqesh­a, uDlamini wenze umsebenzi oncomekayo ebona uMoren Samora Khulu owayefunda eMtshezi High, e-Estcourt. USamora, obehlala eMadadeni, wafike waqhulula amagoli kwiChiefs nokwaholel­a ekutheni abizwe ngoMr Ellis Park.

UDlamini ushukwe yisifo sohlangoth­i kwaze kwaba uficwa wukufa ngeledlule ekwesinye sezibhedle­la eThekwini. Ushiye emhlabeni unkosikazi wakhe uMaShozi odume ngelikaVee (Virginia) nezingane. Hamba kahle qhawe ukulwile ukulwa okuhle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa