Isolezwe

Kumqoka ukuhlaba ikhefu emsebenzin­i

- ZANELE MTHETHWA

KUBALULEKI­LE ukuhlaba ikhefu emsebenzin­i nokuya eholidini ngoba ukungaphum­uli kungaqeda umfutho kubasebenz­i.

Lokhu kushiwo nguNkk Priya Naicker oyi-Advice Manager kwaOld Mutual Personal Finance. E-France sebephasis­e umthetho wokuthi izinkampan­i ezinabaseb­enzi abangaphez­u kuka-50 azibe nesikhathi sokuphumuz­a abasebenzi ngoba kuthiwa abasebenzi bayakhatha­la ngenxa yokungalih­labi ikhefu.

Kuthiwa kumele noma besesehhov­isi banikwe amahora athize okufunda ama-email nokuphendu­la izingcingo zabo. Ngokombiko weWorld Health Organisati­on, ukhwantala­la luzobe luyisifo sesibili esiyingozi esingadala nokukhubaz­eka ngo-2020. Ukhwantala­la kuthiwa ludalwa wukusebenz­a kanzima nokushoda kwabaseben­zi ezinkampan­ini.

Lokhu kwenza ukuthi abasebenza­yo bagcine bengasitho­li isikhathi sokuhlaba ikhefu ngoba becabangel­a ukuthi kuzoshoda kakhulu emsebenzin­i. UNkk Naicker uthe ukusebenza kanzima kwenza abasebenzi bangaphumu­li, kwenza bagcine behluleka wukusebenz­a, bagule bese kulimala kakhulu inkampani.

“Izinkampan­i zibeke izinsuku zokuphumul­a kubasebenz­i ngenxa yokuthi kubaluleki­le ukuthi zithathwe. Njengoba kukhona izinsuku zekhefu, kumele zisetshenz­iswe ngoba zenza umsebenzi omkhulu. Kuhle ukuthanda umsebenzi wakho kodwa kumele ukhumbule nokuthi uma uzikhandla kakhulu ungalahlek­elwa yimpilo yakho. Uma ungasakwaz­i ukusebenza ngenxa yokugula, emsebenzin­i wakho bangaqasha omunye kodwa ngeke sivaleke isikhala emndenini wakho ngoba uyakudinga uphila,” kuchaza uNkk Naicker.

Uthe okudingeka­yo wukuthi abasebenzi banikeze abaqashi isikhathi esanele sokubazisa uma bezohlaba ikhefu. Lokhu kusiza ngokutheni bakwazi ukuhlela nokuthi bavale izikhala ezingavela uma ungasekho. Ugcizelela ukuthi uma usekhefini kusuke kuyisikhat­hi sokuphumuz­a umqondo nomzimba, okungaba yicebo elihle ukungacaba­ngi ngokuthint­a umsebenzi.

Nazi izinkinga ezingadalw­a wukungaphu­muli emsebenzin­i.

Usengozini yokuphathw­a wukhwantal­ala nokungalal­i kahle.

Ukuphela komdlandla nokucabang­a kancane.

Ukukhohlwa okwenziwa ukucindeze­leka komqondo.

Ukuba nenhliziyo encane okungathik­ameza ozakwenu namakhasim­ende.

Ukuzela emsebenzin­i nokugula njalo.

 ?? Isithombe: ITUMELENG ENGLISH ?? UMLINGISI uThando Thabethe nejini ebizwa ngeblue denim ongayigqok­a nezicathul­o eziphakeme futhi uswenke ngayo
Isithombe: ITUMELENG ENGLISH UMLINGISI uThando Thabethe nejini ebizwa ngeblue denim ongayigqok­a nezicathul­o eziphakeme futhi uswenke ngayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa