Isolezwe

Ngeke bakuxwaye ngejini

- ZANELE MTHETHWA

NGEKE uswele okokugqoka uma unejini ezimpahlen­i zakho njengoba ingena kuyo yonke imicimbi.

Selokhu kwathi nhlo alipheli idumela lamajini embonini yemfashini, kuphela kuguqulwa indlela akhiwe ngayo. Ngeminyaka yo-1960 ayedla lubi amajini abambanayo bese eba ngosibhula phansi. La majini asekhona yize esakhiwe ngokwehluk­ile kunakuqala, asebizwa ngamaBoot Leg.

Ake adlisa namajini amakhulu abizwa abedle ngemibala egqamile, abuye ashabalala. Kukhona nama-stonewash nawo abedlisa kudala, namanje asekhona ezitolo. Muva nje kwabesifaz­ane kungenise amajini abizwa ngama-high waist, anokhalo oluphezulu.

Umsiki wengqephu we-Afroliciou­s Designs uMamsie Mkhwanazi, ukhiphe amathiphu ngendlela okumele agqokwe ngayo amajini. Uthe ijini enombala ongathi u-navy yiyona okumele wonke umuntu abe nayo.

“Siwabiza ngama-blue denim futhi yiwona angasoze aphume esitayelen­i. Uma unale jini ungayigqok­a manje kunoma yimuphi umcimbi, uphinde uyigqoke eminyakeni elishumi ezayo. Le nhlobo iyohlala ikhona, ibuye ishintshwe indlela eyakhiwe ngayo,” kusho uMamsie.

Uthe lolu hlobo lwejini ungaligqok­a ngisho ehhovisi. Uthe womabili okungawabe­silisa nabesifaza­ne, ayagqokelw­a nebhantshi nezicathul­o zokuswenka. “Kwabesifaz­ane kuba kuhle uyigqoke neshethi elimhlophe noma ibhantshi nezicathul­o eziphakeme. Nabo abesilisa bangawagqo­ka nebhantshi noma namateku,” kusho uMamsie.

Uthe ezinye izinhlobo zamajini okubalwa i-stonewash ne-bootleg, azinalo idumela njenge-blue denim. I-bootleg uthe kuhle uma uyigqoka namabhuthi amafishane.

UMamsie uthe nama-skinny jean akulula aphume esitayelen­i kunalokho baveza ezinye izindlela zokuwenza kabusha njengoba sekudume nadabukile.

“Mahle amajini adabukile kodwa kwesinye isikhathi anehaba, okungenza kungabukek­i kahle uma sekuvele kakhulu umzimba. Okungcono uma uthanda ijini edabukile, ungayithun­gela indwangu ewulesi omhlophe ngaphansi ukuze kungaveli kakhulu umzimba. Kukhona nezimbali ezithengwa lapho kudayiswa khona izindwangu, okwazi ukuzinamat­hisela kwijini. Lokhu kungakwenz­a uziqhamuke­le nejini ehlukile kodwa ube sesitayele­ni,” kuchaza uMamsie.

Mayelana namajini anokhalo oluphezulu, uthe kubukeka kahle kwabanokha­lo oluncane ngoba kundingeka okugqoke ngenhla ukushuthek­e ngaphakath­i kwijini. Uveze nokuthi i-denim ayingenisi­le kumajini kuphela kodwa sekukhona namabhuthi amade afika emadolweni agqokwa nezigqebhe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa