Isolezwe

Akazisoli ngokufunde­la ubuthisha osengusolw­azi

- ZANELE MTHETHWA

AKAZISOLI ngokuqinis­a ikhanda aqhubeke nokufundel­a ubuthisha yize babemgxeka usolwazi wase-University of KwaZuluNat­al (UKZN, oqophe umlando ngokuba ngumphathi womnyango wezemfundo esemncane.

USolwazi Thabo Msibi (34) okhulele eNtabamhlo­phe, eMtshezi, uqokwe ngoMeyi ukuba yiDean yeSchool of Education eCollege of Humanities e-UKZN.

UMsibi uhalalisel­we nayiPhini likaNgqong­qoshe weMfundo ePhakeme, uMnuz Mduduzi Manana, ngokuqopha umlando.

USolwazi Msibi oqale ngokufunde­la iBachelor of Education Degree khona e-UKZN, uthe akakaze acabange ukukhetha omunye umkhakha ngaphandle kokufundis­a.

“Ngaba nenhlanhla yokufunda ezikoleni eziqinisa ekutheni abafundi bazimisele. Bekuthi noma ngingasekh­o esikoleni ngisize abanye abafundi ngibalekel­ele ezifundwen­i. Ngasekhaya bese ngidume ngokubizwa ngothishom­khulu,” kusho uMsibi.

Uthe waqeda umatric Estcourt High wayokwenza iBachelor of Education Degree e-UKZN. Uveze ukuthi ngisho kubo bebengayiz­wa eyokuthi ayofundela ubuthisha ngoba bethi umsebenzi awusekho. Nakhona enyuvesi usheshe wagqama ngothando nangekhono lokuthanda ukufundisa. Uncome uMnuz Chrisly Hampson obeyiNhlok­o yeSchool of Education athe ubemeseka emkhuthaza nokuthi aqhubekele phambili nokufunda, anganelisw­a yiDegree.

Ngesikhath­i enza unyaka wesithathu nowesine, uMsibi ube nethuba lokufundis­a eHighbury Preparator­y nalapho athe ligqame kakhulu ikhono lakhe.

Uqede iDegree wenza iHonours neMasters of Education. Ube esethola umfundaze wokuyofund­a phesheya athe kwaba yizithelo zokuzikhan­dla kwakhe. Ukusungula kwakhe iCommunity Developmen­t Associatio­n, inhlangano esiza abafundi bezikole ezintulayo, kumkhulise­le ithuba kokuya phesheya. Kule nhlangano uMsibi usebenza nabafundi bakhe baseUKZN ukuhlela imidlalo nezikole ezintulayo, enze nezithanga­mi zokuthuthu­kisa abafundi kwezobuhol­i nezemfundo.

IMasters Degree uyenze eColumbia University emuva kokuba ethole umfundaze iFullbrigh­t. Wenza nePhD e-University of Cambridge e-United States of America. Uthe uzinikele ekushintsh­eni impilo yabafundi abamnyama nokubenza babuyisane nezinye izinhlanga. “Ngiyakholw­a wukuthi imfundo ingenza umehluko omkhulu ezweni lethu. Siyabading­a othisha abangongot­i nabazimise­le ukuze imfundo yethu ingafani nangezikha­thi zobandlulu­lo. Nami bengizibuk­ela phansi ngoba ngiphuma emakhaya kodwa kungisizil­e ukuba nabantu abangithem­bayo,” kusho uMsibi. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa