Izinhlelo zokuqwashisa u-matric ngokushoshela kwezivivinyo
UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal uzoqala izinhlelo zokuqwashisa abafundi ba-matric ngezinsuku ezisele ngaphambi kokuqalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka.
OyiNhloko yezokuXhumana kulo mnyango, uMnuz Muzi Mahlambi, ubebambe umhlangano nabezindaba obusemahhovisi e-SABC eThekwini, izolo.
Inhloso yalo mhlangano bekuwukuzocacisa ngezinhlelo umnyango onazo ukuqinisekisa ukuthi umphakathi uhlala uqwashile ngesikhathi esisalele abafundi ukuthi baqale ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka.
Ngesonto elizayo, ngoLwesine umnyango uzoba nohlelo lokwethula ngokusemthethweni izinsuku ezingu-100 ezisele ngaphambi kokuqala kwezivivinyo zokuphela konyaka.
Umcimbi uzoba seDokkies, eMbilo.
“Inhloso enkulu ukukhumbuza abafundi nemindeni yabo ukuze bahlale beqwashile ngokuqalwa kwezivivinyo. Sifuna ukuthi imindeni yabafundi ikwazi ukungenelela ekuziqoqeni kwabo njengoba bezobe beqwashiswa ngezinsuku ezisele ngaphambi kokubhalwa kwalezi zivivinyo,” kusho uMahlambi.
Uthe kuzophinde kube khona omunye umcimbi wokuqwashisa uma sekusele izinsuku ezingu-50 okulindeleke ukuthi lube ngo-Agasti 24.
Owokugcina uzoba khona sekusele izinsuku ezingu-30, wona obizwa nge-last final push.
UMahlambi uthe ngesonto lokugcina ngaphambi kokuba kuqalwe ukubhala, abafundi, abazali nothisha bazosayina isibophezelo sokuqinisekisa ukubhala okungenazinkinga.
“Abazali kumele bazibophezele ukuthi ngeke bafake ingcindezi engenasidingo ezinganeni ezoholela ekutheni abafundi bagcine sebenza noma yini ezokwenza baphase ngenhloso yokujabulisa abazali. Othisha nabafundi kumele bazibophezele ekutheni bazothembeka uma sekubhalwa ukuze kungabi bikho mibiko yokukopela ezetholwa uma sekumakwa,” kusho uMahlambi.
Uthe ngemuva kwalokho kuzibophezela, kuzobe sekuba nomthandazo omkhulu ozoba ngoLwesine lokugcina ngaphambi kokuba kubhalwe.
Ugcizelele ukuthi zonke lezi zinhlelo umnyango onazo, uzoqinisekisa ukuthi uthenga izikhala zezikhangiso emithonjeni yezindaba ukuqinisekisa ukuthi umphakathi uhlala uqwashile.
Izivivinyo zokuphela konyaka zizoqala ngo-Okthoba 16 ziphele ngoNovemba 29.
Uveze ukuthi yonke imicimbi yokuvalelisa abafundi abenza u-matric ezikoleni, kumele yenziwe iphele kule nyanga ngokomthetho woMnyango wezeMfundo.
Uthe kuzobe kuwukwephula umthetho ukwenza lolu hlobo lo mcimbi sekusondele ukubhala.