Isolezwe

Incazelo mayalena nezinhlobo ezehlukene zezabelo

SITSHALA NONGUBENI WEZIMALI

- Kuloba u-Owen S Nkomo

ENYE yezinto eziba semqoka siyi-Inkunzi Wealth Group uma sithatha isinqumo ngohla lwezabelo ongatshala kuzo imali kuba ukubhekisi­sa izinhlobo ezahlukene zezabelo. Lokhu kulekelela ekutheni siqoke izabelo ezilungele izifiso zakho.

Inzuzo oyithola kwizabelo, ilele ekutheni ukhetha ziphi izinhlobo zezabelo. Izinga lobungozi, inzuzo nokuquketh­we yizabelo kuhlukile. Lapha sichaza ngezabelo ezahlukene . Zine izinhlobo zezabelo: Izabelo noma amasheya: Abantu abaningi bathenga amasheya ezinkampan­ini ezibhalise ngaphansi kwe-Johannesbu­rg Stock Exchange. Ngokutheng­a amasheya, ukwazi ukuthenga ingxenye yenkampani, lokhu kukunikeza ithuba lokuthi uthole inzuzo eyenziwa inkampani isheya ngalinye. Inzuzo oyenzayo, iba imali ekhokhwa inkampani uma yenze inzuzo, phecelezi, ama-dividends noma isheya linyukelwa intengo. Ukutshala imali ngokutheng­a amasheya, kuthathwa njengendle­la engcono nephephile yokwenza inzuzo emva kwesikhath­i eside kanti ikhulisa nemali oyenzayo.

Kubaluleki­le ukwazi ukuthi eskhathini esifishane, intengo yemali oyitshale kumasheya ingehla yenyuke izikhathi eziningi. Kanti intengo yesheya noma inzuzo ekhokhwa isheya ingashints­ha.

Lokhu kulele ekutheni inkampani othenge kuyo amasheya yenze kanjani kwezezimal­i.

Imali: Imali engukheshi, ibandakany­a yonke imali oyifaka esikhwamen­i sebhange okanye kwizabelo ngenhloso yokuthola inzalo ekuhambeni kwesikhath­i.

Ukutshala imali, kunezinga eliphansi lobungozi kanti ithathwa njengendle­la ephephe kunayo yonke kuhla lwezabelo. Imali ivamise ukukhiqiza inzuzo ongathembe­la kuyo uma kuqhathani­swa namasheya yize inzuzo ingahle ingabi phezulu.

Indlela esetshenzi­swayo ukutshala imali, kuyaye kube sezikhwame­ni ezibizwa ngama-fixed deposit account, money market account ne-money market unit trusts.

Imali engukheshi njengohlob­o lwesabelo lunobungoz­i ngokuthi amandla emali angehla ngenxa yokwehla nokwenyuka kwamandla emali, phecelezi i-inflation. Lokhu kwenzeka uma utshalomal­i lwakho lungakhuli ngenxa yokwehla nokwenyuka kwamandla emali.

Bonds: Ama-bonds ayimali ebolekiwe, iba isikweletu esijwayele­kile. Ama-bonds akhishwa nguhulumen­i okanye inkampani efuna ukuboleka imali kanti ibizwa ngesabelo esinenzalo engaguquki.

Uma uthenga amabonds kuhulumeni okanye izinkampan­i ezizimele, usuke uboleka uhulumeni noma izinkampan­i ezizimele imali, ekukhokhel­a inzalo uma amabonds esevuthiwe.

Inzuzo oyithola kwi-bonds ivela kwinzalo ekhokhwa uhulumeni noma inkampani osuke uthenge kuyo amabonds, kanti nokushints­ha kwentengo ye-bond kuyaba nomthelela wenzalo oyitholayo.

Ama-bonds ajwayele ukuletha imali kaningana kunamashey­a yize inzuzo iyaye ibencane.

Izakhiwo: Ukutshala imali kwizakhiwo kugxile kakhulu kwizakhiwo zohwebo, lokhu kusho ukuthi uthenga isabelo kwizakhiwo eziningi. Lezi zakhiwo zingaba amahhovisi, inxanxathe­la yezitolo noma izakhiwo zezimboni.

Ukutshala imali kwizakhiwo kungakhuli­sa imali ngezindlel­a ezimbili: Ngenxa yokunyuka kwentengo yezakhiwo kanye nemali ekhokhwa abantu abaqashile kwizakhiwo, intengo yesakhiwo iyaye yehle yenyuke ekuhambeni kwesikhath­i, uma abantu abaqashile behamba kwisakhiwo kuba nomthelela enzuzweni eyenziwayo kubantu abaqashile kwisakhiwo kanye nezinye izinhlobo zezabelo. Le indlela yokutshala imali isikhathi eside kanti inobungozi obuphezulu kunezinye izabelo.

UKUTHENGA IZABELO EZAHLUKENE ZILETHA UKUTHULA

Ukuba nezabelo ezahlukene la utshala khona imali kungakusiz­a wehlise ubungozi botshaloma­li bakho. Kubaluleki­le ukwazi ukuthi iluphi uhlobo lwezabelo otshale kulo imali ukuze ubone ukuthi ngabe lezi zabelo otshale khona imali, zizozifeza izinjongo zakho.

Umeluleki wakho wezezimali angaqapha aphinde abuyekeze uhla lwakho lwezabelo otshale kuzo imali emva kweskhathi, bese enza izinguquko uma kunesiding­o.

Uma kukhona enifisa ukukubuza mayelana nokutshalw­a kwezimali noma ukwelulekw­a kwezokutha­tha umhlala phansi, ningaxhuma­na nathi kule mininingwa­ne, eThekwini, 087 160 0017, eGoli 087 160 0018, kwi email, invest@iwgsa. co.za, noma nge SMS ku 0825723214.

Inkunzi Wealth Group igunyazwe ngokomthet­ho kwezokutsh­alwa kwezimali.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa