Isolezwe

UZuma wonile ngokugxeka omakadebon­a

-

AKUVE kunzima ukulalela nokwenza into eshiwo ngumuntu osho izinto ezishayisa­nayo ngesikhath­i esisodwa. Kuyafana nomuntu osho lokhu kodwa ebe enza okunye.

Inkulumo kaMengamel­i we-ANC uMnuz Jacob Zuma yokuvula ingqungqut­hela yemigomo yeqembu eqhubeka eNasrec, eGoli, ingesinye sezibonelo zalokhu.

Uyiqale kahle inkulumo yakhe ekhuluma ngobumbano nokuthi zonke izinhlaka nezigaba ze-ANC kumele zibambisan­e ukubuyisa isithunzi seqembu kuqedwe namaqembu angaphakat­hi enhlanganw­eni.

Kuthe eseyoyiqed­a inkulumo wanenga amanye amalungu enhlangano ngokugxeka omakadebon­a beqembu ethi bazitshela ukuthi sebebakhul­u ngaphezu kweqembu.

UZuma ukhuluma kanjena nje, abanye omakadebon­a beqembu sebaphumel­a obala ngokuthi bafuna ehle esikhundle­ni sokuba ngumengame­li ngoba bakholwa wukuthi igama lakhe liyathinte­ka kwezinye izinkinga zeqembu.

Yingakho sibona ukuthi uZuma ushaye isikhala ngokuhlase­la omakadebon­a ngoba phela yena ungumholi weqembu.

Uma ungumholi indlela ocabanga ngayo nezinqumo ozithathay­o kumele kube ngaphezu kokuthi ugxekwa ngubani.

Uma ungumholi ugxekwa, kumele uzinuke amakhwapha, uthole nezeluleko ebese uyalungisa lapho kumele ulungise khona, uma singekho isidingo sokulungis­a lokho akusho ukuthi kumele uhlasele labo abakugxeka­yo.

Kule nkinga yokwentula ubumbano i-ANC ebhekene nayo, uZuma bekumele agxile ekufakeni ugqozi nentshisek­elo yokubumban­a kumalungu njengoba bekuqala ingqungqut­hela.

Hhayi ukuthi kube khona uhlaka lweqembu olungena engqungqut­heleni seluvele luhluthuke imimoya ngokugxekw­a esidlangal­eni.

Yebo sesiyaphel­a isikhathi sikaZuma engumengam­eli weqembu kepha kusamele alalelwe ahlonishwe kulezi zinyanga ezimbalwa.

Ngemuva kwalokhu naye uyobe esebalwa nomakadebo­na beqembu okuyolinde­leka ukuba umbono wakhe ulalelwe uhlonishwe, uma ungamukelw­a lokho kube nesizotha.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa