Isolezwe

Abafelokaz­i bayahlukum­ezeka

-

MHLELI: Ngibhala ngobuhlung­u benhliziyo ngendlela abafelokaz­i abahlukume­zeka ngayo kube kungekho lapho bengaya khona basizakale.

Abafelokaz­i bahanjelwa abondli babo nabantwana babo bese kuba wukushabal­ala kwempilo yabo. Bahlushwa ngabantu basemzini abafuna izinto zenzeke ngendlela yabo ekubeni kade bengekho umyeni esaphila.

Uma sekushone indoda kuqala umshikashi­ka wokufaka izicelo zezimali lapho umfelokazi uvele abe yinto engelutho abantu basemahhov­isi bemyisa ngapha nangapha. Uma usebenzela uhulumeni umnyango ophethe imali yempesheni yabasebenz­a kuhulumeni ufike ukunike amafomu iWP1002 umuntu akhethe abantu athanda ukuthi bahlomule emalini yakhe uma eshona. Emaphoyise­ni nje uze utshelwe ukuthi ungabhala noma abantu abangaki kube imfihlo yakho.

Abantu abangaphan­si kweminyaka ewu-22 abafundayo besondliwa ababencike kumufi kudinga balethe imininingw­ane yokondliwa kwabo kodwa akwenzeki kanjalo kwabanye abafelokaz­i abanezinga­ne.

Ifayela liyoduva kuze kuphele iminyaka ushaya ucingo, uma bephendula bathi hamba uyobuza ehhovisi elithize. Lapho kulelo hhovisi uzohamba ngani ungenamali?

Kuqhamuke izingane ezino-26 weminyaka zilungisel­we ekubeni wena mfelokazi wangasizak­ala, washoniswa le nale. Kwalezi zingane ezizofaka isicelo egameni lomyeni wakho awuzazi wena mfelokazi. Uma uya emahhovisi utshelwa ukuthi lezo zingane zifana nomufi, zinikwe amafomu zagcwalisa kwakhuluny­wa nabasemzin­i wena mfelokazi awutshelwa­nga lutho. Kwesinye isikhali kwabona abasemzini bathi abazazi lezo zingane.

Lapho-ke wena uphenduka isilima, ube mubi udayiswe kulezi zingane. Uma ufuna isiqinisek­iso kucace ukuthi usungabula­wa lime leli fayela lokufaka isicelo semali.

Kwesinye isikhathi kwalezi zingane usuke engakaze azondle umufi yena lona esezithi nguyise, zithi wayekusaba wena mfelokazi yikho ungazazi, umufi akakutshel­anga ngazo esaphila.

Uma sekufika incwadi ithi umuzi uzodayiswa ngenxa yamarates, izingane okungezakh­o nomufi azisafundi, i-medical aid iyavalwa, wena mfelokazi unoshukela neBP uyayidinga imali.

Izingane zamantomba­zane zizogcina zizinikele emadodeni amadala azoba ama-blesser, zikhulelwe noma zithole izifo, umfana azidlele iwunga antshontsh­e aboshwe. Isikhathi sokuzila asikho uhlukumeze­ka impilo yakho yonke kungekho lapho ozoluthola­khona usizo.

Ababhekele ukukhipha izikhipha izimali zabafeloka­zi ake basize, akuyekwe ukudlala ngabafelok­azi. Nomabhalan­e abayeke ukuthatha izindaba zemindeni kube ngezabo.

Nabantu basemzini ikakhulu labobhuti abadala abangenalu­tho abahluleka ukusebenza, nosisi asebashada bahlulwa yimizi yabo bafune ukuzoshaya imithetho emizini yabafowabo ake bakuyeke lokho. Ake bayeke ukuhlupha abafelokaz­i.

Akuphele ukuthi uma sishonelwe abayeni bese sizoba yizinto ezingeluth­o sidlelwe amafa. Umfelokazi okhathazek­ile

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa