Akazisoli ngokufundela ubuthisha osengusolwazi
AKAZISOLI ngokuqinisa ikhanda aqhubeke nokufundela ubuthisha yize babemgxeka usolwazi wase-University of KwaZuluNatal (UKZN, oqophe umlando ngokuba ngumphathi womnyango wezemfundo esemncane.
USolwazi Thabo Msibi (34) okhulele eNtabamhlophe, eMtshezi, uqokwe ngoMeyi ukuba yiDean yeSchool of Education eCollege of Humanities e-UKZN.
UMsibi uhalaliselwe nayiPhini likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uMnuz Mduduzi Manana, ngokuqopha umlando.
USolwazi Msibi oqale ngokufundela iBachelor of Education Degree khona e-UKZN, uthe akakaze acabange ukukhetha omunye umkhakha ngaphandle kokufundisa.
“Ngaba nenhlanhla yokufunda ezikoleni eziqinisa ekutheni abafundi bazimisele. Bekuthi noma ngingasekho esikoleni ngisize abanye abafundi ngibalekelele ezifundweni. Ngasekhaya bese ngidume ngokubizwa ngothishomkhulu,” kusho uMsibi.
Uthe waqeda umatric Estcourt High wayokwenza iBachelor of Education Degree e-UKZN. Uveze ukuthi ngisho kubo bebengayizwa eyokuthi ayofundela ubuthisha ngoba bethi umsebenzi awusekho. Nakhona enyuvesi usheshe wagqama ngothando nangekhono lokuthanda ukufundisa. Uncome uMnuz Chrisly Hampson obeyiNhloko yeSchool of Education athe ubemeseka emkhuthaza nokuthi aqhubekele phambili nokufunda, anganeliswa yiDegree.
Ngesikhathi enza unyaka wesithathu nowesine, uMsibi ube nethuba lokufundisa eHighbury Preparatory nalapho athe ligqame kakhulu ikhono lakhe.
Uqede iDegree wenza iHonours neMasters of Education. Ube esethola umfundaze wokuyofunda phesheya athe kwaba yizithelo zokuzikhandla kwakhe. Ukusungula kwakhe iCommunity Development Association, inhlangano esiza abafundi bezikole ezintulayo, kumkhulisele ithuba kokuya phesheya. Kule nhlangano uMsibi usebenza nabafundi bakhe baseUKZN ukuhlela imidlalo nezikole ezintulayo, enze nezithangami zokuthuthukisa abafundi kwezobuholi nezemfundo.
IMasters Degree uyenze eColumbia University emuva kokuba ethole umfundaze iFullbright. Wenza nePhD e-University of Cambridge e-United States of America. Uthe uzinikele ekushintsheni impilo yabafundi abamnyama nokubenza babuyisane nezinye izinhlanga. “Ngiyakholwa wukuthi imfundo ingenza umehluko omkhulu ezweni lethu. Siyabadinga othisha abangongoti nabazimisele ukuze imfundo yethu ingafani nangezikhathi zobandlululo. Nami bengizibukela phansi ngoba ngiphuma emakhaya kodwa kungisizile ukuba nabantu abangithembayo,” kusho uMsibi. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.