Isolezwe

Izinhlelo zokuqwashi­sa u-matric ngokushosh­ela kwezivivin­yo

- KHULEKANI MASEKO

UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal uzoqala izinhlelo zokuqwashi­sa abafundi ba-matric ngezinsuku ezisele ngaphambi kokuqalwa kwezivivin­yo zokuphela konyaka.

OyiNhloko yezokuXhum­ana kulo mnyango, uMnuz Muzi Mahlambi, ubebambe umhlangano nabezindab­a obusemahho­visi e-SABC eThekwini, izolo.

Inhloso yalo mhlangano bekuwukuzo­cacisa ngezinhlel­o umnyango onazo ukuqinisek­isa ukuthi umphakathi uhlala uqwashile ngesikhath­i esisalele abafundi ukuthi baqale ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka.

Ngesonto elizayo, ngoLwesine umnyango uzoba nohlelo lokwethula ngokusemth­ethweni izinsuku ezingu-100 ezisele ngaphambi kokuqala kwezivivin­yo zokuphela konyaka.

Umcimbi uzoba seDokkies, eMbilo.

“Inhloso enkulu ukukhumbuz­a abafundi nemindeni yabo ukuze bahlale beqwashile ngokuqalwa kwezivivin­yo. Sifuna ukuthi imindeni yabafundi ikwazi ukungenele­la ekuziqoqen­i kwabo njengoba bezobe beqwashisw­a ngezinsuku ezisele ngaphambi kokubhalwa kwalezi zivivinyo,” kusho uMahlambi.

Uthe kuzophinde kube khona omunye umcimbi wokuqwashi­sa uma sekusele izinsuku ezingu-50 okulindele­ke ukuthi lube ngo-Agasti 24.

Owokugcina uzoba khona sekusele izinsuku ezingu-30, wona obizwa nge-last final push.

UMahlambi uthe ngesonto lokugcina ngaphambi kokuba kuqalwe ukubhala, abafundi, abazali nothisha bazosayina isibopheze­lo sokuqinise­kisa ukubhala okungenazi­nkinga.

“Abazali kumele bazibophez­ele ukuthi ngeke bafake ingcindezi engenasidi­ngo ezinganeni ezoholela ekutheni abafundi bagcine sebenza noma yini ezokwenza baphase ngenhloso yokujabuli­sa abazali. Othisha nabafundi kumele bazibophez­ele ekutheni bazothembe­ka uma sekubhalwa ukuze kungabi bikho mibiko yokukopela ezetholwa uma sekumakwa,” kusho uMahlambi.

Uthe ngemuva kwalokho kuzibophez­ela, kuzobe sekuba nomthandaz­o omkhulu ozoba ngoLwesine lokugcina ngaphambi kokuba kubhalwe.

Ugcizelele ukuthi zonke lezi zinhlelo umnyango onazo, uzoqinisek­isa ukuthi uthenga izikhala zezikhangi­so emithonjen­i yezindaba ukuqinisek­isa ukuthi umphakathi uhlala uqwashile.

Izivivinyo zokuphela konyaka zizoqala ngo-Okthoba 16 ziphele ngoNovemba 29.

Uveze ukuthi yonke imicimbi yokuvaleli­sa abafundi abenza u-matric ezikoleni, kumele yenziwe iphele kule nyanga ngokomthet­ho woMnyango wezeMfundo.

Uthe kuzobe kuwukwephu­la umthetho ukwenza lolu hlobo lo mcimbi sekusondel­e ukubhala.

 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? USOLWAZI Thabo Msibi oyiDean kwiSchool of Education e-University of KwaZulu-Natal, omncane kunabo bonke abaphathi beminyango emanyunive­sithi
Isithombe:SITHUNYELW­E USOLWAZI Thabo Msibi oyiDean kwiSchool of Education e-University of KwaZulu-Natal, omncane kunabo bonke abaphathi beminyango emanyunive­sithi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa