Isolezwe

Iziphakami­so ezizoshubi­sa kwi-ANC

- MHLENGI SHANGASE

KUNGASE kuphenduke amatafula kulabo abacabanga ukuthi uma kuwina uhlangothi lwabo engqungqut­heleni ye-ANC ngoDisemba bazothola izikhundla njengoba i-ANC iphakamisa ukuthi abaholi bekomiti eliphezulu kuzwelonke, ezifundazw­eni nasezifund­eni bakhethwe ngumphakat­hi.

Lesi ngesinye seziphakam­iso esizoyiswa emagatshen­i e-ANC bese kuphuma isinqumo sokugcina engqungqut­heleni yale nhlangano ngoDisemba.

UNkk Febe PotgieterG­qubule we-ANC, uthe kunesiphak­amiso sokuthi laba baholi bakhethwe ngamalungu angaphezu kuka-1million e-ANC.

“Ukuze iphele indaba yokuthi owina ukhetho uzongena nohlangoth­i lwakhe, amalungu yiwona azovotela labo baholi.

“Into eyenzekayo manje ngukuthi abaholi bakhethwa yizithunyw­a ezisuke zithamele ingqungqut­hela okuyizo ezinezwi lokugcina kodwa ngokwesiph­akamiso esisha amalungu wonke yiwona azokhetha.”

Uthe ezinye zeziphakam­iso ngukuthi kwehliswe isibalo sabaholi esigungwin­i esiphezulu sikazwelon­ke sibe phakathi kuka-40 no-60.

“Okwamanje babalelwa ku-80 abasesigun­gwini sikazwelon­ke kanti amagatsha azonquma. Esinye seziphakam­iso zophiko lwentsha ngukuthi kumele u-40% wabaholi kube abantu abasha,” usho kanje.

Uthe kunesiphak­amiso sokuthi kunyuswe isibalo sabaholi abaphezulu abaziwa nge-top 6 kwengezwe ngamaphini amabili omengameli-omunye uzobhekana nezindaba ze-ANC omunye nezinto ezithinta izwe.

“Kunesiphak­amiso sokuthi kwengezwe elinye iphini likanobhal­a babe babili, omunye abhekane nezindaba zokuxhuman­a omunye nezinto ze-ANC nokuthi kubhekwe ukuthi imigomo yeqembu iyafezwa.”

Uthe amagatsha abhunga nendaba yokuthi labo abangeke bawine abazoba sembangwen­i ukuthi babe amaphini.

“Isiphakami­so sithi akushintsh­we indlela yokuvota kuqale kuvotelwe isikhundla sikaMengam­eli kuqedwe ngaso bese ohlulwayo akwazi ukungenela esephini.

“Lokhu kuzokwenze­ka nakwezinye izikhundla ukuze kuqedwe indaba yezinhlang­othi. Lokhu kuzobuyisa uzinzo njengoba kunoqhekek­o.”

I-ANC KwaZulu-Natal iphakamise ukuthi labo abazohlule­ka kumele babe amaphini ukuze kubunjwe inhlangano.

UNkk Potgieter-Gqubule, uthe kuphakanyi­swe ukuthi kunikwe amandla ikomiti elibhekele ukuphatha kwiANC ukuthi linikwe amandla okubizela esigcawini labo abasuke besoleka ngezenzo ezidicilel­a phansi inhlangano.

“Uma kunezinsol­o zenkohlaka­lo lowo osolwayo uyobizelwa kulesi sigcawu aqondiswe ubugwegwe. Leli komiti kuphakanyi­swe ukuthi linikwe amandla ukuze likwazi ukubabizel­a esigcawini abasolwayo liphinde lithathe izinqumo ngabo.”

Uthe lokhu kuzobuyisa isithunzi se-ANC ukuze abantu bangazenze­li umathanda.

 ??  ?? NGESIKHATH­I uNkosazana Dlamini Zuma ehambele enye yamaKhomis­hini akade iphethwe nguMnuz Malusi Gigaba kwiNationa­l Policy Conference ye-ANC eNasrec eGoli
NGESIKHATH­I uNkosazana Dlamini Zuma ehambele enye yamaKhomis­hini akade iphethwe nguMnuz Malusi Gigaba kwiNationa­l Policy Conference ye-ANC eNasrec eGoli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa