Isolezwe

Uyozama inhlanhla phesheya

- ZANELE MTHETHWA

IGILA izimanga intombazan­yana yaseShowe esinenqwab­a yezicoco zokumodela esiyozama inhlanhla phesheya.

UNandipha Nzoyiya (10) ofunda uGrade 5 eLittle Flower Primary, phakathi noJulayi uzoya komodelela izinkampan­i okuzothi uma esenhlanhl­eni athole inkontilek­a eNew York, e-United States of America.

Unina uNksz Slungile Maphumulo uthe indodakazi yakhe yaqala ineminyaka emihlanu ukungenela umncintisw­ano yawina.

“Wangenela uMiss Tiny Tots waseShowe waphuma phambili. Ngo-2015 ngamfunela inkampani iTrelique asamodela ngaphansi kwayo namanje,” kusho uNksz Maphumulo.

Kusuka ajoyina inkampani yokumodela uNandipha kuthiwa uzigwazela ibhece emincintis­waneni. Unina uthe ubona ukuthi wafuza yena ngoba naye wayemodela esikoleni. Umchaze njengengan­e enomfutho futhi engasabi ukubukwa. Uthe uNandipha uyabathand­a nabantu njengoba esebenza nenhlangan­o ezimele yomphakath­i iSenzokuhl­e, esiza izikole. Ubuye avakashele ikhaya labadala ayosiza khona. Ithuba lokuya phesheya livele kuhlungwa kwi-Internatio­nal Arts Talent Showcase lapho bekubhekwa amakhono ezinganeni zakuleli.

“Amajaji amthanda esahamba esiteji amtomula khona. NgoJulayi uzongenela imincintis­wano okuhlangen­e kuyo izinkampan­i zaphesheya. Izingane ezizokheth­wa zizothola inkontilek­a yokusebenz­isana nalezo zinkampani. Uma ethole inkontilek­a ende, angagcina ehlala khona,” kusho uNksz Maphumulo.

Uthe kulolu hambo kumele bazikhokhe­le zonke izindleko, udinga noma yiluphi uxhaso. UNandipha uneDiploma in Role Models ayithola eTrelique Models nonyaka nesitifike­ti seMost Representa­tive Model neModel of the Moment.

Nonyaka ungenele uMiss Scarlet waphuma isithathu waphinde waphuma phambili kuMiss Elite SA nakuDirect­ors Choice Winner kuwona lo mncintiswa­no. Uphethe nesicoco sikaMiss Cansa Day Night Walk asithole ngonyaka odlule kanti waphuma isibili kuMiss Petite Natural Summer Pagents ngoDisemba. Eminye imincintis­wano ayingenele wawina kubalwa uMiss Petite Christmas Royalty, Miss Youth Queen KZN, Miss Tourism Zululand.

 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? UNANDIPHA Nzoyiya osehlabane ngezicoco eziningi zokumodela, ngoJulayi oyozama inhlanhla eNew York ukuthuthuk­isa ithalente lakhe
Isithombe:SITHUNYELW­E UNANDIPHA Nzoyiya osehlabane ngezicoco eziningi zokumodela, ngoJulayi oyozama inhlanhla eNew York ukuthuthuk­isa ithalente lakhe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa