Isolezwe

U-DJ Zinhle ukuphendul­e ihlaya ukukhuthuz­wa iselula

- NOKUBONGWA PHENYANE

UKWENZE ihlaya ukukhuthuz­wa kwakhe kuthathwe iselula ngumlandel­i obecele ukushutha naye ngempelaso­nto uZinhle “DJ Zinhle” Jiyane (osesithomb­eni).

UZinhle ngomunye wosaziwayo abebemenyw­e emicimbini eyehlukene kwiVodacom Durban July, eThekwini, ngempelaso­nto.

Ubhale enkundleni kwiTwitter ukuthi ngeSonto ekomunye umcimbi wehlelwe yilesi sehlo.

Ukwenzeka kwaso kubonakale kungamkhat­hazi ngoba uvele wathi uzothenga enye maduze.

“Izolo ebusuku omunye wabalandel­i bami ucele ukushutha nami. Ngivumile ngaze ngamoyizel­a uma sekuthwets­hulwa isithombe kanti lo mgulukudu uyangikhut­huza,” kubhala uZinhle.

Uthe esebheka iselula yakhe ibingasekh­o.

Uthe iselula uzoyitheng­a kodwa umkhuthuzi amtshele uma edinga i-charger.

“Ikhona bhuti i-charger bo. Phela ngeke ngisayidin­ga,” kubhala uZinhle obeze afake izithombe kubonakala ukuthi uyahlekisa ngodaba. Uthe uyazibuza ukuthi umlandeli othathe iselula yakhe ngabe wenzani kuyona manje noma upeqana nezithombe zakhe.

“Into angayenza ngazo manje izithombe zami ukuthi aqhubeke azisebenzi­se kuselula yakhe entsha.”

Imizamo yokuthola uDJ Zinhle mayelana nodaba ayiphumele­langa. Ucingo lwakhe beluvaliwe lungayemuk­eli ngisho imiyalezo.

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a lapho ehlala ematasa khona bekubonaka­la ukuthi wagcina ngeSonto nangoMsomb­uluko.

Khonamanja­lo kuboshwe abantu abawu-11, emicimbini ehambisana neVodacom Durban July (VDJ) ngoMgqibel­o. Baboshwe ngezinsolo zokukhuthu­za izicukuthw­ane. Abathathu baboshwe ebusuku emcimbini iFact Durban Rocks. UCaptain Khephu Ndlovu okhulumela amaphoyisa aseThekwin­i uthe awu-14 amaselula atholakali­le okumele abantu bawalande esiteshini iDurban Central.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa