‘Ngizoqedela inkontileka neLeopards’
USEPHOSE ithawula ngokudedelwa kwiBlack Leopards umdlali wasesiswini uSiphelele “Stashi” Ntshangase osekuphele iminyaka ekhonjwa emaqenjini amakhulu ku-Absa Premiership.
UNtshangase waKwaZuluNatal, usedlale kwiLeopards eyibamba kwiNational First Division iminyaka engaphezu kwemine.
Njalo uma kuphela isizini kusabalala imibiko yokuthi ufunwa yiKaizer Chiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns kodwa ngesizini elandelayo abuyele eLimpopo kwiLidoda Duvha kaDavid Thidiela.
Imibiko ihlale ihambisana nokuthi uThidiela ufuna itshe lemali ngalo mdlali osedlale ngisho kwiBafana Bafana.
UNtshangase uphinde washaya into ecokeme ngesikhathi iLeopards idlala kumaPlayOff lapho iLidoda Duvha iphinde yahluleka ukunyukela kwiPremiership.
“Nginenkontileka yonyaka esele neLeopards. Ngizobuyela ngiyoqedela yona.
“Indaba enemali phakathi ihlale inezinkinga. Ngigcina ukuzwa kuthiwa usihlalo ufuna uR3 million ngami. Amaqembu ayabona ukuthi ngeke akhokhe leyo mali ngomdlali osesalelwe yinkontileka yonyaka,” kusho uNtshangase.
Phezu kwemibiko yokuthi uThidiela ufuna izigidi ngoNtshangase kodwa lesi sikhulu sihlale sithi sivule izandla emaqenjini amfunayo lo mdlali.
“Ayihlali enhliziyweni yami imibiko yokuthi ngiyahamba kwiLeopards njengoba ngizazi ukuthi nginenkontileka.
“Uma isikhathi sesifikile kuzokwenzeka kodwa okwamanje kufanele ngenze umsebenzi wami lapho engikhona,” kusho uNtshangase othe akubanga kuhle ukuthi sihluleke ukunyukela kwiPremiership kodwa ngesizini ezayo kufanele siqhubeke sisebenze.”
ILeopards isivele ilahlekelwe ngumdlali oqavile uMumuni Abubakar waseGhana owafika eNingizimu Afrika eminyakeni edlule ezodlala kwiSundowns kodwa wagcina ehambile engakaze alikhahlele ibhola eChloorkop.
U-Abubakar kuvele ukuthi usesayine kuFree State Stars. Ngaphandle kwalokho bekuthiwa umqeqeshi weLeopards uJean Luscuito uzojoyina i-Ea Lla Koto kodwa lokho kubukeka kungeke kusenzeka kulandela ukuthi iStars iqashe uSammy Troughton.