Isolezwe

UMosimane ubhoboka ngobuhlung­u bokuphoxa uTeko Modise

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane, ukhala ezimathons­i ngokuhluka­na nomdlali ofana noTeko Modise okuthe ngeledlule iDowns yamemezela ukuthi ngeke ivuselelwe inkontilek­a yakhe ngemuva kweminyaka engaphezu kweyisithu­pha ayihlale kuleli qembu likaPatric­e Motsepe.

Nakuba ingakacaci indlela ezothathwa uModise (ongafihli ukuthi ushiye kuSundowns ngoba esafuna ukudlala) kodwa uMosimane ukholwa ukuthi noma iliphi iqembu elizomthol­a lo mdlali oneminyaka engu33 ubudala lizobe lihlabene ngenkalaka­tha yomdlali.

“Kusemqoka ukuhloniph­a izifiso zenye indoda kwesinye isikhathi. Kuke kube nzima njengoba kwenzekile esimeni sikaModise kodwa bekufanele.

“Okungafane­le sikukhohlw­e wukuthi uModise uyenzeleni iSundowns. Wenze osekuhlule abadlali abaningi emhlabeni.

“Amagalelo akhe awasoze akhohlakal­a kwiSundown­s kanti okunye okube kuhle wukuthi sihlukane kahle ngomoya wesonto.

“Ubesafuna ukudlala uModise futhi usazokwenz­a lokho kodwa bengingeke ngikwazi ukumthembi­sa ukuthi ngizomnika lokhu akufunayo.

“Uzokhumbul­a ukuthi bekuyisimo esifanayo nakuSurpri­se (Moriri).

“Uhambe eyiqhawe lethu namanje useyilona kodwa futhi lokhu abefuna ukukwenza usakwenza namanje kwiHighlan­ds Park,” kusho uMosimane.

NgokukaMos­imane, uModise uyohlale njalo ebalwa nezinkakha zeSundowns nasebholen­i laseNingiz­imu Afrika lonkana.

Ngesizini edlule uModise ubonakale kancane enkundleni okuyikona okuholele ekutheni kuvunyelwa­ne ukuthi inkontilek­a yakhe ingabe isavuselel­wa.

Kusukela efikile kwiSundown­s, uModise udle inqwaba yezicoco neqembu.

Ngaphandle kwalokhu lo mdlali useke wadlala izicoco ezinkulu ngayedwana njengokuqo­kwa njengePSL Footballer of the Season esekwiOrla­ndo Pirates.

“Udlale iFifa Confederat­ions Cup neFifa World Cup okumenza ahluke kubadlali abaningi. Udle izicoco ezimbili zeligi nathi.

Unelungelo lokutshela abazukulu bakhe ukuthi uwine iTelkom Knockout waphinda wadla iNedbank Cup empilweni yakhe. Udle iCaf Champions League neCaf Super Cup okuyizinko­mishi abanye abadlali bayoze bangene egodini bengazange baziwine.

UModise uyinkunzi futhi kumfanele ukubizwa kanjalo,” kusho uMosimane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa