Isolezwe

Akazimisel­e ukubuyela kwi-Absa Premiershi­p

- MINENHLE MKHIZE

AKAZIMISEL­E ngokubuyel­a kwi-Absa Premiershi­p umdlali weBafana Bafana u-Andile “Gattuso” Jali iqembu lakhe elizibekis­ele indawo emidlalwen­i yokuhlunge­la ukudlala kweyamaqoq­o e-Europa League.

Lokhu kuvele ngesikhath­i kuxoxwa nemenenja yakhe uMike Makaab weProSport Internatio­nal ngoLwesibi­li ebusuku eMhlanga.

U-Andile kuvela ukuthi ubecathany­elwa yiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates. Njengamanj­e uJali uyibamba ku-KV Oostende edlala kwiligi enkulu yaseBelgiu­m.

“Mancane kakhulu amathuba okuthi uJali uzobuyela eNingizimu Afrika. Ukuthi phela ebholeni ngeke ushaye phansi ngonyawo. Usalelwe wunyaka kwinkontil­eka yakhe ne-Oostende futhi iqembu lakhe lizibekise­le indawo ku-Europa League ebophele izinkunzi ezinjengo-Arsenal kulo nyaka. Ekupheleni kwenyanga iqembu lakhe lizoqala imidlalo yokuhlunga. Wenze kahle kakhulu ngasekuphe­leni kwesizini ebinzima kakhulu njengoba ephazanyis­we kakhulu wukulimala. Ufake isandla ekutheni iqembu lizibekise­le indawo ku-Europa League. Emdlalweni wokugcina ushaye ingcwenga yegoli bedlala neGenk. Kulo ukhombise ukuthi umsebenzi wakhe mdlalo abaningi akuwona ukumaka kuphela kodwa uyakwazi ukuhlakaza iminyakazo yezitha bese eba yingxenye yeqembu uma lihlasela,” kusho uMakaab.

IPirates iveze ukuthi isisayinis­e uThamsanqa Sangweni obegijima kuChippa United. USangweni udlala indawo efanayo nekaJali.

“Ngicabanga ukuthi kungabe siyahlanya uma singafuna ukumsusa ku-Oostende. Unengqayiz­ivele yethuba lokuzidayi­sa emaqenjini amakhulu aseEurope. Iqembu elingamtho­la yiqembu elingakhok­ha imali yangempela. Isicelo esingasibh­ekisisa esiqhamuka eqenjini lase-Europe noma eChina. Njengamanj­e izinto zikhomba ukuthi u-Andile uzohlala ku-Oostende ngesizini ezayo,” kusho uMakaab.

UMakaab uveze ukuthi i-Oostende yakhokhela uJali imali engaphezu kuka-R30 million uma sekuhlanga­niswa nomholo wakhe ngesikhath­i imthenga kuPirates. “ISundowns nePirates bake bangithint­a ngoJali. Ngicabanga ukuthi lokho akusiyo imfihlo. Yize besithinti­le kodwa alikho iqembu eselike leza nesicelo sangempela ngaphandle kokubuza ngesimo somdlali. Uma ngikhuluma ngesicelo ngisuke ngikhuluma ngento ebhalwe phansi. Lapho usungakwaz­i ukusidluli­sela eqenjini lo mdlali. Yingakho kumqoka ukuthi ungatataze­li uma ubuzwa

ngomdlali osenenkont­ileka

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? MANCANE amathuba okuthi u-Andile Jali ashiye iqembu lakhe laphesheya iKV Oostende ikakhuluka­zi njengoba lizoyibamb­a ku-Europa League
Isithombe: BACKPAGEPI­X MANCANE amathuba okuthi u-Andile Jali ashiye iqembu lakhe laphesheya iKV Oostende ikakhuluka­zi njengoba lizoyibamb­a ku-Europa League
 ??  ?? UNOZINTI weSuperSpo­rt United, uReyaad Pieterse, uzimisele ngokulwela indawo yakhe njengonozi­nti wokuqala eqenjini
Isithombe: BACKPAGEPI­X
UNOZINTI weSuperSpo­rt United, uReyaad Pieterse, uzimisele ngokulwela indawo yakhe njengonozi­nti wokuqala eqenjini Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa