Udube ukujima ophelelwe yinkontileka
UDUBE ukujima umdlali ophelelwe yinkontileka kwiMamelodi Sundowns, uWayne Sandilands, okuphoqe ukuthi kuhoxiswe ithikithi lakhe lebhanoyi njengoba ebeyingxenye yeqembu laBafana Ba Style elidlale neSaint George kowamaqoqo weCaf Champions League ngempelasonto edlule.
Inkontileka kaSandilands neSundowns iphele ngoLwesihlanu. UThulani Thuswa wezokuxhumana kuSundowns utshele Isolezwe ukuthi uSandilands unqabile ukuhamba neqembu ukuya e-Ethiopia.
“UWayne wenze into efanayo neyenziwe nguTeko Modise emasontweni adlule. Ekuqaleni kwesonto eledlule simubhukele indiza ngoba ubeyingxenye yeqembu ebeliqokwe yithimba labaqeqeshi. Ngemizuzu yokugcina usitshele ukuthi ngeke akwazi ukuhamba ngoba inkontileka yakhe ibiphela ngesonto eledlule. Asazi noma uzofika yini ejimini kuleli sonto. Iqembu libuyela ejimini ngoLwesine (kusasa),’ kusho uThuswa.
USandilands nguyena obeyiphini likaDenis Onyango kuSundowns. U-Onyango nguyena ogiya ezintini, ekuqaleni konyaka uqokwe njengomdlali ovelele e-Afrika kulandela ukwenza kahle kuSundowns idla isicoco seCaf Champions League.
Akagcinanga lapho njengoba ephinde wasiza izwe lakhe lazibekisela indawo kuTotal Caf Africa Cup of Nations (Afcon) ebiseGabon ekuqaleni konyaka. Uphinde waba nesandla ekutheni izwe lakhe liqale kahle emidlalweni yokuhlungela ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo.
Emasontweni adlule uqokwe ohlwini okuzokhishwa kulona unozinti kwiPremiership. ovelele Absa Lokhu yikhona konke okwenza uSandilands ahlale ebhentshini. Imenenja kaSandilands, uGlyn Binkin ithe ngeke ajime neSundowns kuze kuba indaba yekusasa lakhe iyalungiswa. “Ngeke ajime neqembu engenayo inkontileka. Okwamanje iSundowns yilona kuphela iqembu esixoxa nalo. Angikho esimeni sokuchaza ukuthi izingxoxo sezihambe ibanga elingakanani,” kushaya uBinkin ngamafuphi izolo. Njengamanje iSundowns isele nonozinti ababili kwiChampions League. Ishaya ngo-Onyango noKennedy Mweene waseZambia. NgeSonto ngo-7 ebusuku iSundowns izoshukana ne-AS Vita Club eLucas Moripe Stadium emdlalweni wokugcina wamaqoqo eCaf Champions League. ISundowns ivele isizibekisele indawo kumaquarterfinal alo mqhudelwano. Okuzocaca ngemuva kwemidlalo yangempelasonto wukuthi yiliphi iqembu ezobhekana nalo kulawo kaGroup D, okuyiZenaco yaseZambia, Waydad Casablanca yaseMorocco noma i-Al Ahly yase-Egypt.