Ngizibona nginethuba kuBafana: Pieterse
UNOZINTI weSuperSport United, uReyaad Pieterse, ukholwa wukuthi ukuthola umsebenzi wokuqeqesha iBafana Bafana komqeqeshi uStuart Baxter kuzomvulela intuba eqenjini lesizwe.
UPieterse ungomunye wabadlali abebegijima kwiKaizer Chiefs abafudukela kuSuperSport ngemuva kokuthi izinkontileka zabo zingavuselelwanga. Abanye nguMorgan Gould, Reneilwe Letsholonyane noKingston Nkatha. UMandla Masango noTefu Mashamaite bajoyine uBaxter kuSuperSport sebephuma phesheya kwezilwandle. UKeegan Ritchie ubuye wahlangana nalo mqeqeshi kuMatsatsantsa ngesikhathi eshintshiswa ngoSibusiso Khumalo osegijima kuMakhosi.
UBaxter uvalelise ngendebe kuSuperSport ngesikhathi ehlula i-Orlando Pirates ngo 4-1 kowamanqamu weNedbank Cup ngenyanga edlule.
“Ngiyazi ukuthi kufanele ngisebenze kanzima ukuze ngithole indawo eqenjini lesizwe. Kodwa kuzokwenza izinto zibe ngcono ukufika kukaBaxter ngoba ungumqeqeshi ongaziyo,” kusho uPieterse.
“Nami ngiyamazi ukuthi udingani njengomqeqeshi nendlela afuna iqembu lakhe lidlale ngayo ngiyayazi. Ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu.”
Umbango wonozinti kuSuperSport uphakathi kukaPieterse noRonwen Williams okusabalale amahlebezi okuthi ufunwa yiPirates. Imidlalo yasekhaya ebisanda kudlala ibikade isinikwa uWilliams kuthi uPieterse avimbe kweyeCaf Confederations Cup. Bangase babhekane nokuthi omunye wabo aphenduke ukudla kwebhentshi ngaphansi komqeqeshi omusha u-Eric Tinkler obukeka engayingeni eyokushintshanisa onozinti. KuPirates uTinkler ubevimbisa uBrighton Mhlongo. KuCape Town City ngesizini edlule ubethembele kuShuaib Walters omunye wabaqokelwe umklomelo kanozinti ovelele kuPremier Soccer League (PSL).
UPieterse ushiye kuChiefs ngoba efuna ukuba ngunozinti oqala imidlalo ngaphambi kuka-Itumeleng Khune noBrilliant Khuzwayo phezu kokuba bebekade belithola bonke ithuba.
“Angiwusabi umbango wejezi ngoba wenza bonke abadlali basebenze kanzima.Siyawudinga umbango ngoba iqembu liyahlomula,” kusho uPieterse.
Kule mpelasonto uPieterse uma kunguyena osezintini kuzomele alekelele ekutheni iqembu lizibekisele indawo kumaquarterfinal eConfederation Cup.
Njengamanje i-United isendaweni yesithathu kuGroup D ngamaphuzu ayisikhombisa. ITP Mazembe neHoroya bahleli ngokulandelana kweyokuqala neyesibili ngamaphuzu ayisishiyagalolunye.
Amatsatsantsa a Pitori kumele ehlule iCF Mounama ngoMgqibelo eLucas Moripe Stadium ngo-3.30 ntambama, bese kuba khona onqobayo phakathi kweMazembe neHoroya okuzosho ukuthi i-United nayo iyangena kuma-quarterfinal.
Uma kwenzeka wonke amaqembu eqeda elingana ngamaphuzu awu-10 kuzobhekwa imiphumela etholakele phakathi kwawo ukuze kuphume azoya kuma-quarterfinal.