ABAWUVALI UMLOMO NGOMDLALI OMUSHA WE-CHIEFS
KUBATSHAZWA ikhono lomdlali omusha weKaizer Chiefs uTeenage Hadebe. NgoMsombuluko iChiefs imemezele uHadebe noPhilani Zulu njengabadlali bayo abasha.
UPotshoza iqhawe elingalali ubusuku nemini lihabule izindaba zokuthi uHadebe uzomangaza abantu abaningi. “Ngiyezwa abantu bayamngabaza uTeenage. Bakhuluma kanje nje ngoba abakaze bambone. Uyisitobha esiseqophelweni eliphezulu. Mude, unejubane kanti uyakwazi nokulidlala ibhola uma lisezinyaweni,” kusho umthombo.
IChiefs isanda kufaka uSiyanda “Magazi” Xulu odlala emuva kubadlali abangekho ezinhlelweni zomqeqeshi waMakhosi uSteve “Mphathi” Komphela. Njengamanje iChiefs isele no-Eric Mathoho, Lorenzo Gordinho noDaniel Cardoso kuzitobha.
“Ngaphandle kwala badlali abathathu iChiefs inobani? Ibimdinga uTeenage,” kusho umthombo.
UHadebe ubegijima kuChicken Inn yaseZimbabwe. Amakhosi asezakhele igama ngokutheza eZimbabwe. Eminyakeni eyedlule ilande uTinashe Nengomashe, Thomas Sweswe, Jimmy Jambo, Lincoln Zvasiya, Knowledge Musona, Edmore Chirambadare noMitchell Katsvairo. nguyena oqede isizini ezenzela ngesikimu. Ebhentshini bekuhlala uMax Mbaeva noRicardo Goos.
“ULangeveldt ungomunye wabadlali abangeke babuye. Isikhala sakhe sizosivala kodwa akekho esisamsayinisile,” kusho uLarsen. inkontileka kaNthethe ngonyaka. Njengamanje sisabhunga ngemibandela ethize kwinkontileka yakhe. Nokho uyingxenye yeqembu futhi uzobe ekhona ngeSonto,” kusho uThuswa.
NgeSonto iSundowns idlala ne-AS Vita Club yaseDRC Congo emdlalweni wokugcina wamaqoqo eCaf Champions League. Umdlalo useLucas Moripe Stadium, ngo-7 ntambama. esiphezulu kwiPSL. NgoLwesine iPSL bekumele iphasise okudayiselana kweThanda noSuthu kodwa kwashoda amaphepha athize.
“Ngikhuluma nawe nje ngiseGoli. Kuze kube yimanje besingakaze sithole lutho. Ukubambezeleka kwala maphepha ngeke kuphazamise thina kodwa kuzowazamisa wona uqobo amaqembu,” kusho uMadlala. IThanda idle umhlanganiso kuNational First Division ngesizini edlule.