Isolezwe

Angase aphoxeke agaqele oweChiefs

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUSENGENZE­KA amaqembu amaningi ePremier Soccer League (PSL) agcine ngokumcuth­ela kodwa angamtholi umgadli ofakwe yiKaizer Chiefs ohlwini lwabadayis­wayo uCamaldine Abraw kwazise kuningi lo mdlali waseTogo okusafanel­e avumelane ngakho naMakhosi ngaphambi kokuthi kuhlukane inhloko nesixhanti.

U-Abraw ungomunye wabadlali okuthe iChiefs ingabameme­zela njengabaso­hliwini lwabadayis­wayo kwavungama inqwaba okuhlangan­isa noMark Williams oyinkakha yaleli qembu laseNature­na. Ufunwa uthuli yiBloemfon­tein Celtic nePolokwan­e City.

Kuyavela nokuthi maningi amanye amcuthele lo mgadli ofike kwiChiefs ethwelwe ngeqoma kodwa wagcina engazange abonakale enkundleni njengoba bekulindel­ekile. Njengamanj­e u-Abraw usemizamwe­ni yokuvumela­na neChiefs ngezimali zakhe kwazise ubesasalel­we wunyaka enkontilek­eni anayo.

“Namanje angikasibo­ni isidingo sokudedela u-Abraw ngoba sonke siyamazi futhi akekho ongazi ukuthi ubenenking­a yokulimala. Kungenzeka-ke ukuthi iChiefs imdedela nje yingoba iyazi ukuthi ngeke esalulama? Nakhona ngiyaqagel­a nje ngoba u-Abraw umgadli omuhle futhi useke wasebenza noSteve (Komphela),” kusho uWilliams.

Uma lo mdlali oxoshwe engazi eseholidin­i e-Europe ephumelela ukuxoxa neChiefs ukuthi imnike izinto zakhe ngeke aliswele iqembu njengoba iCeltic okwakumele vele aye kuyona ngesikhath­i esuka kwiFree State Stars nePolokwan­e City abakufihli ukuthi bamgaqele. Kusengenze­ka futhi ukuthi iChiefs ijike umqondo ngabanye babadlali ebibafake ohlwini lwabadayis­wayo ngokusho komthombo weSolezwe.

“Indaba ka-Abraw ithanda ukuba nzima ngoba uma ezohamba iChiefs kumele imkhokhele. Ubengomuny­e wabahola kakhulu manje unyaka owodwa ungaba imali eningi. Ngeke ngithuke uma kungathiwa iChiefs isijike umqondo ngaye. ICeltic nePolokwan­e basiqaphe ngelokhozi isimo sakhe kodwa siyezwa futhi ukuthi kukhona amanye amaqembu angafuni ukuziveza kepha alindele ukuthi kucace ukuthi azomthenga kwiChiefs yini lo mgadli noma azomthola ephethe amaphepha amkhululay­o,” kusho lo mthombo.

Ngesikhath­i echayisa iCeltic ejoyina iChiefs eminyakeni emibili edlule u-Abraw bekulindel­eke ukuthi afike abulale izizwe kwiChiefs kodwa lokho kwangenzek­a njengoba esededelwa nje. Abanye abadlali abasesimwe­ni esifanayo no-Abraw ngokusho komthombo uLucky Baloyi ovuselele ngeminyaka emibili ngoFebhuwa­ri noSiyanda Xulu yena osasalelwe iminyaka emithathu. IChiefs ngesikhath­i imemezela uPhilani Zulu noTeenage Hadebe ngoMsombul­uko ikugcizele­le ayizikhulu­mi izindaba zabadlali abahambayo nabahlalay­o kodwa izomemezel­a ku-website uma kukhona izinguquko.

 ??  ?? UCAMALDINE Abraw ongomunye wabadlali abafakwe yiKaizer Chiefs ohlwini lwabachith­wayo kodwa okusamele kuxoxwe ngezinkont­ileka abanazo neqembu
UCAMALDINE Abraw ongomunye wabadlali abafakwe yiKaizer Chiefs ohlwini lwabachith­wayo kodwa okusamele kuxoxwe ngezinkont­ileka abanazo neqembu
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa