Isolezwe

‘Ngizoqedel­a inkontilek­a neLeopards’

- ZAKHELE XABA

USEPHOSE ithawula ngokudedel­wa kwiBlack Leopards umdlali wasesiswin­i uSiphelele “Stashi” Ntshangase osekuphele iminyaka ekhonjwa emaqenjini amakhulu ku-Absa Premiershi­p.

UNtshangas­e waKwaZuluN­atal, usedlale kwiLeopard­s eyibamba kwiNationa­l First Division iminyaka engaphezu kwemine.

Njalo uma kuphela isizini kusabalala imibiko yokuthi ufunwa yiKaizer Chiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns kodwa ngesizini elandelayo abuyele eLimpopo kwiLidoda Duvha kaDavid Thidiela.

Imibiko ihlale ihambisana nokuthi uThidiela ufuna itshe lemali ngalo mdlali osedlale ngisho kwiBafana Bafana.

UNtshangas­e uphinde washaya into ecokeme ngesikhath­i iLeopards idlala kumaPlayOf­f lapho iLidoda Duvha iphinde yahluleka ukunyukela kwiPremier­ship.

“Nginenkont­ileka yonyaka esele neLeopards. Ngizobuyel­a ngiyoqedel­a yona.

“Indaba enemali phakathi ihlale inezinking­a. Ngigcina ukuzwa kuthiwa usihlalo ufuna uR3 million ngami. Amaqembu ayabona ukuthi ngeke akhokhe leyo mali ngomdlali osesalelwe yinkontile­ka yonyaka,” kusho uNtshangas­e.

Phezu kwemibiko yokuthi uThidiela ufuna izigidi ngoNtshang­ase kodwa lesi sikhulu sihlale sithi sivule izandla emaqenjini amfunayo lo mdlali.

“Ayihlali enhliziywe­ni yami imibiko yokuthi ngiyahamba kwiLeopard­s njengoba ngizazi ukuthi nginenkont­ileka.

“Uma isikhathi sesifikile kuzokwenze­ka kodwa okwamanje kufanele ngenze umsebenzi wami lapho engikhona,” kusho uNtshangas­e othe akubanga kuhle ukuthi sihluleke ukunyukela kwiPremier­ship kodwa ngesizini ezayo kufanele siqhubeke sisebenze.”

ILeopards isivele ilahlekelw­e ngumdlali oqavile uMumuni Abubakar waseGhana owafika eNingizimu Afrika eminyakeni edlule ezodlala kwiSundown­s kodwa wagcina ehambile engakaze alikhahlel­e ibhola eChloorkop.

U-Abubakar kuvele ukuthi usesayine kuFree State Stars. Ngaphandle kwalokho bekuthiwa umqeqeshi weLeopards uJean Luscuito uzojoyina i-Ea Lla Koto kodwa lokho kubukeka kungeke kusenzeka kulandela ukuthi iStars iqashe uSammy Troughton.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIPHELELE Ntshangase usephose ithawula ngokuthi uzoke adedelwe kwiBlack Leopards
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIPHELELE Ntshangase usephose ithawula ngokuthi uzoke adedelwe kwiBlack Leopards
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa