Isolezwe

Inselelo kumqeqeshi weRoyal Eagles ezodlala kwi-Engen Knockout

- ZAKHELE XABA

UGABE ngamava abadlali bakhe umqeqeshi weRoyal Eagles, uJustice Mtshali, okufanele aqhamuke neqhinga lokuwina i-Engen U/17 Knockout Challenge ezodlalwa ezinkundle­ni ezingaphan­dle kweMoses Mabhida Stadium ngoJulayi 14 kuya ku-16.

I-Eagles, ehlulwe wuMqhele High School waseClermo­nt nyakenye kowamanqam­u, ikleliswe kuPool C namaqembu ebukeka izokwazi ukuzidlule­la kuwona. Angu-16 amaqembu azogadulis­ana kwi-Engen, ahlukanisw­e izigaba ezine. Iqembu elizodla umhlangani­so lizomela iKwaZuluNa­tal kokazwelon­ke iChamp of Champs ezoba seGauteng ngoOkthoba. Elizodla umhlangani­so kowesifund­azwe lizothola u-R15 000. I-Engen Knockout yethulwe ngokusemth­ethweni izolo emcimbini obuhanjelw­e ngamaqembu nokaputeni, izikhulu zeSafa eThekwini nabaxhasi.

“Likahle iqoqo esifakwe kulona kodwa kuhlale kunzima ukudlala nabantu ongabazi ekubeni abanye sidlala nabo masonto wonke sibaqonda. Amalungise­lelo ahamba kahle kodwa sizoqedela konke kuleli sonto,” kusho uMtshali.

“Ukuhlulwa kowamanqam­u kuzoba yisipiliyo­ni esizofika naso nokuthi iqembu alishintsh­ile. Kukhona abadlali abambalwa esengeze ngabo kodwa iqembu lisafana. Lokho ngicabanga ukuthi kuzosenza sihambe ibanga elide.”

Nakuba kungenzeka ukuthi i-Eagles iziphuzele eqoqweni layo kodwa kulindelek­e ukuthi zidlane imilala kuPool B obophele AmaZulu, iBrazil Academy yaKwaNdeng­ezi neNduna Academy yaKwaMashu esikhiqize inqwaba yabadlali abahlonish­wayo eNingizimu Afrika.

Umqondsi womqhudelw­ano, uMpho Dintwa, uthe baqoke ukushintsh­a unyawo kulokhu ngokumema okaputeni bamaqembu azodlala ukuze bathole umuzwa womqhudelw­ano ungakaqali.

“Sithathe isinqumo sokuthi kube khona okaputeni ukuze bezwe ukuthi kwenzekani uma kuhlangani­swa i-Engen Knockout baphinde bahlangane namaqembu abazobheka­na nawo enkundleni. Nginesiqin­iseko sokuthi bazobuyela emaqenjini abo bayogqugqu­zela ozakwabo,” kusho uDintwa.

UPhumza Ntisana obemele i-Engen uncome igalelo lale nkampani ekuthuthuk­iseni ibhola kusukela umqhudelwa­no wasungulwa ngo-2003.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQONDISI waMaZulu Community Trust ehlela i-Engen U/17 Knockout Challenge noPhumeza Ntisana wakwaEngen ngesikhath­i kuqhathwa amaqembu eMoses Mabhida izolo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQONDISI waMaZulu Community Trust ehlela i-Engen U/17 Knockout Challenge noPhumeza Ntisana wakwaEngen ngesikhath­i kuqhathwa amaqembu eMoses Mabhida izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa