Isolezwe

Uzozidayis­a ngemidlalo yeCosafa ochithwa yiChiefs

- MINENHLE MKHIZE

UMGADLI weKaizer Chiefs uMichelle Katsvairo ufuna ukuzidayis­a ngemidlalo yeCosafa Cup eseNingizi­mu Afrika.

IZimbabwe izobhekana neLesotho kowandulel­a owamanqamu namuhla ngo-7 ebusuku kulo mqhudelwan­o oseRoyal Bafokeng, eNorth West.

UKatsvairo ufakwe ohlwini lwabadlali abangekho ezinhlelwe­ni zangesizin­i ezayo zikaSteve “Mphathi” Komphela.

Leli phephandab­a lalivele libikile ukuthi lo mgadli uzobolekis­wa. Ngesikhath­i iChiefs ikhipha uhla lwabadlali abangekho ezinhlelwe­ni zikaKomphe­la ikuqinisek­isile ukuthi uKatsvairo akasadinge­ki eNaturena.

Imenenja yakhe uMichael Ngobeni weMSport Management utshele Isolezwe ukuthi uKatsvairo uhlose ukuzidayis­a emaqenjini akuleli ngeCosafa Cup.

“IChiefs iyona ezoqhamuka namaqembu efuna ukumboleki­sa kuwona umgadli ngaphambi kokuthi thina siveze amaqembu amfunayo. Sizobheka ukuthi la maqembu amfunayo imibandela yakhona ithini uma siyiqhatha­nisa namaqembu aqhamuka neChiefs. Okwamanje asifuni ukuxhamaze­la. Kulo mqhudelwan­o ubheke ukwenza kahle ukuze akwazi ukuheha amanye amaqembu lapha eNingizimu Afrika,” kusho Ngobeni.

UKatsvairo ufike kwiChiefs kubhekwe lukhulu kuyena. Kwelakubo ubefaniswa nesikwibhi­si uKnowledge Musona. Nokho ugcine ephenduka ukudla kwebhentsh­i kuMakhosi kwazise uKomphela ubeseseben­zisa uBernard Parker noGustavo Paez phambili.

“Sicele ukuthi uKatsvairo abolekiswe ngoba singeneme ngesimo sakhe sokuhlala ebhentshin­i. Lokhu sekwenze walahlekel­wa yindawo eqenjini lesizwe laseZimbab­we elidlala imidlalo yokuhlunge­la ukuya kwi-Africa Cup of Nations ngo-2019 (eCameroon),” kusho uNgobeni.

IBafana Bafana ihlule iBotswana ngo 2-0 izolo ebusuku emdlalweni wama-semi final ePlate. Amagoli ashaywe uReyaad Norodien noJudas Moseamedi. Isizodlala kowamanqam­u ePlate ngoLwesihl­anu.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMICHELLE Katsvairo ofuna ukusebenzi­sa imidlalo yeCosafa Cup ukuthola ikhaya elisha njengoba iKaizer Chiefs izimisele ngokumbole­kisa
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMICHELLE Katsvairo ofuna ukusebenzi­sa imidlalo yeCosafa Cup ukuthola ikhaya elisha njengoba iKaizer Chiefs izimisele ngokumbole­kisa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa