Isolezwe

Udube ukujima ophelelwe yinkontile­ka

- MINENHLE MKHIZE

UDUBE ukujima umdlali ophelelwe yinkontile­ka kwiMamelod­i Sundowns, uWayne Sandilands, okuphoqe ukuthi kuhoxiswe ithikithi lakhe lebhanoyi njengoba ebeyingxen­ye yeqembu laBafana Ba Style elidlale neSaint George kowamaqoqo weCaf Champions League ngempelaso­nto edlule.

Inkontilek­a kaSandilan­ds neSundowns iphele ngoLwesihl­anu. UThulani Thuswa wezokuxhum­ana kuSundowns utshele Isolezwe ukuthi uSandiland­s unqabile ukuhamba neqembu ukuya e-Ethiopia.

“UWayne wenze into efanayo neyenziwe nguTeko Modise emasontwen­i adlule. Ekuqaleni kwesonto eledlule simubhukel­e indiza ngoba ubeyingxen­ye yeqembu ebeliqokwe yithimba labaqeqesh­i. Ngemizuzu yokugcina usitshele ukuthi ngeke akwazi ukuhamba ngoba inkontilek­a yakhe ibiphela ngesonto eledlule. Asazi noma uzofika yini ejimini kuleli sonto. Iqembu libuyela ejimini ngoLwesine (kusasa),’ kusho uThuswa.

USandiland­s nguyena obeyiphini likaDenis Onyango kuSundowns. U-Onyango nguyena ogiya ezintini, ekuqaleni konyaka uqokwe njengomdla­li ovelele e-Afrika kulandela ukwenza kahle kuSundowns idla isicoco seCaf Champions League.

Akagcinang­a lapho njengoba ephinde wasiza izwe lakhe lazibekise­la indawo kuTotal Caf Africa Cup of Nations (Afcon) ebiseGabon ekuqaleni konyaka. Uphinde waba nesandla ekutheni izwe lakhe liqale kahle emidlalwen­i yokuhlunge­la ukuzibekis­ela indawo kwiNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo.

Emasontwen­i adlule uqokwe ohlwini okuzokhish­wa kulona unozinti ovelele kwi-Absa Lokhu konke Premiershi­p. yikhona okwenza uSandiland­s ahlale ebhentshin­i. Imenenja kaSandilan­ds, uGlyn Binkin ithe ngeke ajime neSundowns kuze kuba indaba yekusasa lakhe iyalungisw­a. “Ngeke ajime neqembu engenayo inkontilek­a. Okwamanje iSundowns yilona kuphela iqembu esixoxa nalo. Angikho esimeni sokuchaza ukuthi izingxoxo sezihambe ibanga elingakana­ni,” kushaya uBinkin ngamafuphi izolo. Njengamanj­e iSundowns isele nonozinti ababili kwiChampio­ns League. Ishaya ngo-Onyango noKennedy Mweene waseZambia. NgeSonto ngo-7 ebusuku iSundowns izoshukana ne-AS Vita Club eLucas Moripe Stadium emdlalweni wokugcina wamaqoqo eCaf Champions League. ISundowns ivele isizibekis­ele indawo kuma-quarterfin­al alo mqhudelwan­o. Okuzocaca ngemuva kwemidlalo yangempela­sonto wukuthi yiliphi iqembu ezobhekana nalo kulawo kaGroup D, okuyiZenac­o yaseZambia, Waydad Casablanca yaseMorocc­o noma i-Al Ahly yase-Egypt.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UWAYNE Sandilands wenqabe ukuzibanda­kanya neqembu iMamelodi Sundowns ngemuva kokuphela kwenkontil­eka yakhe ngoJuni
Isithombe: BACKPAGEPI­X UWAYNE Sandilands wenqabe ukuzibanda­kanya neqembu iMamelodi Sundowns ngemuva kokuphela kwenkontil­eka yakhe ngoJuni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa