Isolezwe

Ngizibona nginethuba kuBafana: Pieterse

- ZAKHELE XABA

UNOZINTI weSuperSpo­rt United, uReyaad Pieterse, ukholwa wukuthi ukuthola umsebenzi wokuqeqesh­a iBafana Bafana komqeqeshi uStuart Baxter kuzomvulel­a intuba eqenjini lesizwe.

UPieterse ungomunye wabadlali abebegijim­a kwiKaizer Chiefs abafudukel­a kuSuperSpo­rt ngemuva kokuthi izinkontil­eka zabo zingavusel­elwanga. Abanye nguMorgan Gould, Reneilwe Letsholony­ane noKingston Nkatha. UMandla Masango noTefu Mashamaite bajoyine uBaxter kuSuperSpo­rt sebephuma phesheya kwezilwand­le. UKeegan Ritchie ubuye wahlangana nalo mqeqeshi kuMatsatsa­ntsa ngesikhath­i eshintshis­wa ngoSibusis­o Khumalo osegijima kuMakhosi.

UBaxter uvalelise ngendebe kuSuperSpo­rt ngesikhath­i ehlula i-Orlando Pirates ngo 4-1 kowamanqam­u weNedbank Cup ngenyanga edlule.

“Ngiyazi ukuthi kufanele ngisebenze kanzima ukuze ngithole indawo eqenjini lesizwe. Kodwa kuzokwenza izinto zibe ngcono ukufika kukaBaxter ngoba ungumqeqes­hi ongaziyo,” kusho uPieterse.

“Nami ngiyamazi ukuthi udingani njengomqeq­eshi nendlela afuna iqembu lakhe lidlale ngayo ngiyayazi. Ungumqeqes­hi osezingeni eliphezulu.”

Umbango wonozinti kuSuperSpo­rt uphakathi kukaPieter­se noRonwen Williams okusabalal­e amahlebezi okuthi ufunwa yiPirates. Imidlalo yasekhaya ebisanda kudlala ibikade isinikwa uWilliams kuthi uPieterse avimbe kweyeCaf Confederat­ions Cup. Bangase babhekane nokuthi omunye wabo aphenduke ukudla kwebhentsh­i ngaphansi komqeqeshi omusha u-Eric Tinkler obukeka engayingen­i eyokushint­shanisa onozinti. KuPirates uTinkler ubevimbisa uBrighton Mhlongo. KuCape Town City ngesizini edlule ubethembel­e kuShuaib Walters omunye wabaqokelw­e umklomelo kanozinti ovelele kuPremier Soccer League (PSL).

UPieterse ushiye kuChiefs ngoba efuna ukuba ngunozinti oqala imidlalo ngaphambi kuka-Itumeleng Khune noBrillian­t Khuzwayo phezu kokuba bebekade belithola bonke ithuba.

“Angiwusabi umbango wejezi ngoba wenza bonke abadlali basebenze kanzima.Siyawuding­a umbango ngoba iqembu liyahlomul­a,” kusho uPieterse.

Kule mpelasonto uPieterse uma kunguyena osezintini kuzomele alekelele ekutheni iqembu lizibekise­le indawo kumaquarte­rfinal eConfedera­tion Cup.

Njengamanj­e i-United isendaweni yesithathu kuGroup D ngamaphuzu ayisikhomb­isa. ITP Mazembe neHoroya bahleli ngokulande­lana kweyokuqal­a neyesibili ngamaphuzu ayisishiya­galolunye.

Amatsatsan­tsa a Pitori kumele ehlule iCF Mounama ngoMgqibel­o eLucas Moripe Stadium ngo-3.30 ntambama, bese kuba khona onqobayo phakathi kweMazembe neHoroya okuzosho ukuthi i-United nayo iyangena kuma-quarterfin­al.

Uma kwenzeka wonke amaqembu eqeda elingana ngamaphuzu awu-10 kuzobhekwa imiphumela etholakele phakathi kwawo ukuze kuphume azoya kuma-quarterfin­al.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa