Isolezwe

ABAWUVALI UMLOMO NGOMDLALI OMUSHA WE-CHIEFS

-

KUBATSHAZW­A ikhono lomdlali omusha weKaizer Chiefs uTeenage Hadebe. NgoMsombul­uko iChiefs imemezele uHadebe noPhilani Zulu njengabadl­ali bayo abasha.

UPotshoza iqhawe elingalali ubusuku nemini lihabule izindaba zokuthi uHadebe uzomangaza abantu abaningi. “Ngiyezwa abantu bayamngaba­za uTeenage. Bakhuluma kanje nje ngoba abakaze bambone. Uyisitobha esiseqophe­lweni eliphezulu. Mude, unejubane kanti uyakwazi nokulidlal­a ibhola uma lisezinyaw­eni,” kusho umthombo.

IChiefs isanda kufaka uSiyanda “Magazi” Xulu odlala emuva kubadlali abangekho ezinhlelwe­ni zomqeqeshi waMakhosi uSteve “Mphathi” Komphela. Njengamanj­e iChiefs isele no-Eric Mathoho, Lorenzo Gordinho noDaniel Cardoso kuzitobha.

“Ngaphandle kwala badlali abathathu iChiefs inobani? Ibimdinga uTeenage,” kusho umthombo.

UHadebe ubegijima kuChicken Inn yaseZimbab­we. Amakhosi asezakhele igama ngokutheza eZimbabwe. Eminyakeni eyedlule ilande uTinashe Nengomashe, Thomas Sweswe, Jimmy Jambo, Lincoln Zvasiya, Knowledge Musona, Edmore Chirambada­re noMitchell Katsvairo. Gumede nguyena oqede isizini ezenzela ngesikimu. Ebhentshin­i bekuhlala uMax Mbaeva noRicardo Goos.

“ULangeveld­t ungomunye wabadlali abangeke babuye. Isikhala sakhe sizosivala kodwa akekho esisamsayi­nisile,” kusho uLarsen. umbandela esinawo wokwelula inkontilek­a kaNthethe ngonyaka. Njengamanj­e sisabhunga ngemibande­la ethize kwinkontil­eka yakhe. Nokho uyingxenye yeqembu futhi uzobe ekhona ngeSonto,” kusho uThuswa.

NgeSonto iSundowns idlala ne-AS Vita Club yaseDRC Congo emdlalweni wokugcina wamaqoqo eCaf Champions League. Umdlalo useLucas Moripe Stadium, ngo-7 ntambama. ziqiniseki­swe nguMato Madlala oyibamba lesikhulu esiphezulu kwiPSL. NgoLwesine iPSL bekumele iphasise okudayisel­ana kweThanda noSuthu kodwa kwashoda amaphepha athize.

“Ngikhuluma nawe nje ngiseGoli. Kuze kube yimanje besingakaz­e sithole lutho. Ukubambeze­leka kwala maphepha ngeke kuphazamis­e thina kodwa kuzowazami­sa wona uqobo amaqembu,” kusho uMadlala. IThanda idle umhlangani­so kuNational First Division ngesizini edlule.

 ??  ?? THANDUYISE KHUBONI
THANDUYISE KHUBONI
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa