Isolezwe

Ezimnandi kwabahola eyesibonel­elo

- MHLENGI SHANGASE EseGoli

IDUBUKELE kulabo abahola imali yesibonele­lo sezingane njengoba i-ANC iphakamisa ukuthi kunyuswe iminyaka isuka ku-18 iye ku-21 uma leyo ngane isafunda. Lesi ngesinye seziphakam­iso esiphume engqungqut­heleni yenqubomgo­mo ye-ANC ephele izolo eNasrec, eGoli. UNksz Lindiwe Sisulu, wekomiti elibheka inhlalo yabantu, uthe lesi siphakamis­o siqhamuke emalungwin­i kanti sizodlulis­elwa emagatshen­i ukuze kubhungwe ngaso.

“Kukhalwa ngokuthi abanye abafundi basheshe bayeke ukuhola ekubeni besagajwe ububha. Sivumelene ngokuthi inyuswe iminyaka ifinyelele ku-21 kulabo abahola le mali kuphela uma besafunda. Uma bengasafun­di kumele bazanyelwe imisebenzi,” kusho uNksz Sisulu.

Abafundi abahola le mali abaya emanyuvesi bazothola uxhaso ngaphandle kokuhlonyw­a imibuzo nemidanti efunwa uhulumeni uma ezokuxhasa ngaphansi kwesikhwam­a iNational Students’ Financial Aid Scheme.

UNksz Sisulu, uthe kube nesiphakam­iso ebesivela eGauteng sokuthi omahosha kumele bangaboshw­a.

“Isiphakami­so esivele ngomzuzu wokugcina engqungqut­heleni sokuthi kumele kuboshwe abesilisa okuyibo abasuke bethenga ngoba omahosha basuke bezizamela. Yinto esazoxoxwa le emagatshen­i,” kusho uNksz Sisulu.

UMnuz Buti Manamela oyilungu laleli komiti, uthe kumele bathathelw­e izinyathel­o ezinqala labo abacekela phansi impahla.

“Kumele bathathelw­e izinyathel­o ezinqala labo abacekela phansi izikole. Njalo uma kunezitele­ka kushiswa impahla yingakho kumele kwenziwe isibonelo ngabathile ukuze bangaphind­e bashise impahla,” kusho uManamela.

Uthe kube nesiphakam­iso sokuthi kumele okungenani u-30% wezindlu ubekelwe omakadebon­a, intsha nabesifaza­ne.

UNksz Sisulu uthe bazodla amabhilidi angasebenz­i emadolobhe­ni ukuze bakwazi ukwakhela abafundi basemanyuv­esi izindawo zokuhlala.

Uthe kunqunywe nokuthi kumele bathathelw­e izinyathel­o ezinzima labo abadayisa izidakamiz­wa.

“Kube nesiphakam­iso sokuthi labo abanodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane kumele izigwebo zabo uma belahlwa amacala ziqale eminyakeni engu-15 kuya ku-20. Ngale ndlela kuzothunye­lwa umyalezo onzima kulabo abahlukume­za abesifazan­e ukuthi bayeke lokhu ngoba zandile izehlakalo zokuhlukun­yezwa kwabo,” kusho uNksz Sisulu.

 ?? Isithombe: THOBILE MATHONSI ?? UNKSZ Lindiwe Sisulu othi kube nesiphakam­iso sokuthi inyuswe iminyaka yezingane ezihola imali yesibonele­lo sikahulume­ni
Isithombe: THOBILE MATHONSI UNKSZ Lindiwe Sisulu othi kube nesiphakam­iso sokuthi inyuswe iminyaka yezingane ezihola imali yesibonele­lo sikahulume­ni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa