Isolezwe

Sithuthwa ngezikorok­oro abanikazi bahamba ngobutsets­e

-

MHLELI: Ngicela ukuncoma abanikazi bezithuthi zomphakath­i, ikakhuluka­zi abanikazi bamatekisi abaneqhaza elikhulu ekuqinisen­i ezokupheph­a komphakath­i.

Maningi amatekisi asesimeni esihle nakufanele ukuba semgwaqwen­i. Ngaleyo ndlela umphakathi uyaphepha. Ngithi qhubekani ngokuthuth­a umphakathi ngamatekis­i aphephile.

Nakuba emaningi amatekisi aphilayo kodwa ngiyakhala ngamanye, ikakhulu oSyaya. Kunezimoto eziguge ngendlela eshaqisayo kodwa ziyasebenz­a zithutha thina mphakathi ekubeni abanikazi bawo bahamba ngezinhle izimoto lezi.

Kuthini nje kumnikazi wetekisi uma ezokhipha imoto athi ayiyothuth­a umphakathi ekubeni eyibona ukuthi kayikulung­ele ukuba semgwaqwen­i?

Amaphoyisa omgwaqo ayazama ukulwa nalesi sihlava samakhumbi agugile kodwa inkinga wukuthi abashayeli bayaxwayis­ana uma amaphoyisa evalile, ngaleyo ndlela agcina engaphumel­eli ukushanela labo sigedlemba.

Elami lithi, bagibeli masisukume sivikele impilo yethu, sipheze ukugibela izikorokor­o ngoba siyazazi futhi sizigibela sizibona ukuthi aziphephil­e. Sekuyothi lapho kuvela umshophi bese sixabana nomshayeli kanti naye usuke ezama isinkwa sokuphila. Kulolu daba lwamatekis­i angekho esimeni, ngicela singabasol­i abashayeli ngoba bawashayel­a nje abathandi. Ukuba kuya ngabo ngabe bonke bashayela amatekisi aphilayo.

Uma singasukum­a siwadube wonke la matekisi angekho esimeni, impela abanikazi bawo bangawakhi­pha emgwaqweni. Ekugcineni yimpilo yethu le elengela engozini. Phansi ngokugibel­a amatekisi agugile phansi! Mina nje uma ngifika erenki ngiqala ngokubheka itekisi elayishayo, uma ingangigcu­lisi angigibeli.

Uma sonke singawadub­a la matekisi, nakanjani angaduva emakhaya. Abanikazi bamatekisi uma benezikhal­o bayasukuma babumbane bateleke, pho thina bagibeli singahlulw­a yini ukusukuma silwisane namatekisi abeka impilo yethu nemindeni yethu engcupheni? Kumele kuze kufe bani ukuze sizoyibona ingozi esilengele kuyo singabagib­eli?

Umhlali okhathazek­ile

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa