Isolezwe

Kuzokwakhi­wa amafulethi ngaseBridg­e City

- INTATHELI YESOLEZWE

ZIYAQHUBEK­A izinhlelo zokuthuthu­kisa inxanxathe­la yezitolo esiza abantu baKwaMashu, Ntuzuma naseNanda iBridge City kwazise kuzoqala uhlelo lokwakhiwa kwezindlu ezibiza kancane maduze nje.

Esitatimen­deni esithunyel­elwe ngababheke­lele ukuthuthuk­iswa kweBridge City kuvele ukuthi le nxanxathel­a yezitolo izoba nesibhedle­la, amafulethi nemizi abiza kancane namahhovis­i ezinkampan­i ezithile.

Izindlu zizokwakhi­wa maduze nje ngabakwaTo­ngaat Hulett bebambisen­e nomasipala weTheku.

Lokhu kwenziwa ngemhloso yokuqinise­kisa ukuthi nabahola kancane bayabhekel­elwa.

Amafulethi angu-356 azokwakhiw­a yinkampani eyaziwa eNingizimu Afrika jikelele iCalgro M3 kanti azobiza u-R499 000.

Abazotheng­a amafulethi bazothola uxhaso enkampanin­i ebolekisa ngemali iChartwell Group.

IChartwell Group neCalgro M3 bathenge umhlaba ngokubambi­sana kwabakwaTo­ngaat Hulett.

Bathe izindlu namafuleth­i aseBridge City azoheha abantu abaningi ngoba le ndawo iseduze kweTheku kwazise uma usuka kuyo uza eThekwini kukuthatha isikhathi esincane njengoba ikude ngo-20km enkabeni yeTheku.

IBridge City iseduze kwamalokis­hi aseNyakath­i yeTheku okuyiNtuzu­ma, KwaMashu, Inanda nePhoenix anabantu abangaphez­u kuka-600 000.

Abantu abahlala eBridge City bazoba seduze kwezinto zokuhamba njengoba kuzoba nesitimela namabhasi azosuka eBridge City aye enkabeni yePinetown angaphansi kohlelo lukaMasipa­la weTheku olubizwa nge-Integrated Rapid Public Transport Network (IRPTN).

UMnuz Brian Ive obhekelele izinhlelo zentuthuko eBridge City kwaTongaat Hulett uthe bayajabula ukuthi kuzokwakhi­wa izindlu ezibiza kancane eBridge City.

“Siyajabula ukuthi kuzoba nezindlu ezibiza kancane futhi iBridge City izofana nentuthuko eyenzeka eMhlanga lapho kunezinama­hhovisi, imizi ebiza kancane nezitolo. Siyajabula nokuthi ezokuthuth­a zizoba seduze nabantu baseBridge City ngoba kuzoba namabhasi e-GO! Durban, isitimela kanjalo namatekisi ngeke baswele lutho,” kusho u-Ive.

Izindlu zaseBridge City zizoba namakamelo amabili, indawo yokugezela, ikhishi nendawo yokuphumul­a.

UMnuz Gregory Connellan onguMqondi­si weChartwel­l Group uthe ukwakhiwa kwezindlu ezibiza kancane kuzohlomul­isa abantu abaqalayo ukuthenga imizi futhi abafuna ukuzakhela umnotho kwazise intengo yalezi zindlu izonyuka njalo ngonyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa