Iseluleko sabalandeli boSuthu kubaphathi
ABALANDELI baMaZulu bafuna izinhlaka eziqinile ezizokwenza isiqiniseko sokuthi iqembu alibuyeli kwiNational First Division (NFD).
Izolo iPremier Soccer League (PSL) iphasise ukuthi Usuthu luthenge isitifiketi seThanda Royal Zulu ewine isicoco seligi kwiNFD. Emva kwamasonto iKwaZulu-Natal ibambe umoya ngokudayiselana, kwazise bekunezinto eziningi obekuthiwa aziphelele ebezidingwa yiPSL, izolo kuqhilike izihlathi kubalandeli baMaZulu. Isikhulu esiphezulu soSuthu, uLunga Sokhela, sipotshoze ukuthi konke sekuhlangene izolo ekuseni sifaka kwiTwitter ibheji leqembu sabhala ukuthi “PSL, We Back”
Lokhu kwenzeke ngesikhathi kukhona asebeqala ukulahla ithemba ngenxa yokuhamba kwesikhathi. Iqembu elizozinza eRichards Bay, elaziwa ngeRichards Bay FC ezophathwa nguJomo Biyela, seliqalile ukwenza amalungiselelo esizini entsha kwiNFD.
AmaZulu, okuvele ukuthi azoqhubeka nomqeqeshi uJoey Antipas, agawulwe yizembe ekupheleni kwesizini ka-2014/2015 emuva kokuqeda emsileni we-log ye-Absa Premiership. Ahluleke amasizini amabili ukubuyela esigabeni esikhulu.
Usihlalo wabalandeli baMaZulu, eDalton, uSkhulu Khanyile, uthe ujabule ngokubuyela kweqembu kwiPremiership kodwa washesha waphonsa iziyalo eziqinile kubalandeli nasezikhulwini zoSuthu.
“Abalandeli kade bengifonela befuna ukwazi ukuthi kwenzekani, nami bengingasazi. Ngigcine sengithi abalinde ihhovisi. Le nto esiyenzelwe nguSokhela angazi ukuthi sizoyibonga ngani,” kusho uKhanyile.
“Izikhulu kudingeka ziqinise isikwati, zithenge abadlali ukuze singabuyeli ehlathini. Bekubuhlungu abantu begxeka ukuthenga koSuthu kodwa bengibabuza ukuthi bafuna iThanda ithengwe kwesinye isifundazwe yini ngoba iyona ezidayiselayo.”
UKhanyile unxuse abalandeli ukuthi babuye ngobuningi bazokweseka iqembu.