Isolezwe

‘UMarawa uxoshelwe ukuphutha’

- NOKUBONGWA PHENYANE

UKUNGAFIKI kukaRobert Marawa emsebenzin­i amasonto amabili yikhona okuphoqe iSABC ukuthi imxoshe ohlelweni akade elwenza kuMetro FM ngo-6 kuya ku-7.30.

Lokhu kuvezwe wokhulumel­a iSABC, uKaizer Kganyago, enkulumeni abe nayo neSolezwe izolo.

UKganyago uthe uMarawa wathatha isinqumo sokungezi emsebenzin­i ngemuva kokuhamba komdidiyel­i wohlelo uBeverly Maphangwa lube lungathint­i yena udaba.

“UMarawa kwakungafa­nele angene odabeni oluphakath­i kweSABC noBeverly. Ukungafiki kwakhe emsebenzin­i kwenza kwanzima ohlelweni. Kuthe uma kubonakala ukuthi akabuyi emsebenzin­i kwafikwa esinqumeni sokuthi axoshwe,” kusho uKganyago.

Uthe abamtshela­nga uMarawa ngokuxoshw­a kwakhe emsakazwen­i kodwa bathumele incwadi kubameli bakhe emazisa ngaloku.

“Ngaphambi kokukhipha isitatimen­de bese bazi abameli bakhe ngesinqumo esithathiw­e. Ngakho alikho icala elithweswe laba bobabili kodwa izinqumo abazithath­ele bona ngomsebenz­i akade bewenza.”

Uthe odabeni lukaBeverl­y, basamlindi­le ukuthi abuye kubo kuzoxoxwa ngesenzo sokudlala emoyeni okwakushiw­o nguSizwe Mabena weSuperSpo­rt.

“UBeverly wabhalelwa incwadi ebuzwa ukuthi yini engadala ukuthi angamiswa emsebenzin­i ngalokhu akwenzile, namanje impendulo ayikaze itholakale.”

Imizamo yokuthola uMarawa ayiphumele­langa. Ucingo lwakhe beluvaliwe lungemukel­i nemiyalezo.

Ubhale enkundleni yokuxhuman­a uTwitter ukuthi akuphelile ngaye nomsakazo njengoba esazoqhube­ka nezinhlelo emsakazwen­i uma ithuba livela.

“Ngeke ngiphawule kakhulu ngalolu daba ngenxa yokuthi lukubameli bami,” kusho uMarawa.

Ohlelweni lwasekusen­i esiteshini iSA FM, olwethulwa uSakina Kamwendo, uMarawa uthe yena nabameli bakhe bakholelwa ukuthi kuzogcina bona enkantolo.

Ukuvezile ukuthi akaze asule emsebenzin­i.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UKUNGABIKI kwakhe emsebenzin­i amasonto amabili yikho okuphoqe iSABC ukuthi ixoshe uRobert Marawa emsebenzin­i
Isithombe: INSTAGRAM UKUNGABIKI kwakhe emsebenzin­i amasonto amabili yikho okuphoqe iSABC ukuthi ixoshe uRobert Marawa emsebenzin­i
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa