Isolezwe

Usomatekis­i usinde edutshulwa ngasekhaya

- LUNGI LANGA

KWEMBULA kwembeswa esibhedlel­a kusomateki­si waseNkandl­a odutshulwe ngentululw­ane yezinhlamv­u ngamadoda angabonwan­ga eduze kwalapho ehlala khona eMount Royal.

UMnuz Mbongeleni Ndlovu kuthiwa usesimeni esibucayi esibhedlel­a esingeke sidalulwe ukumvikela emuva kokudutshu­lwa ngoLwesith­athu ntambama eMount Royal, eduze kwasePhoen­ix.

UNdlovu, onamatekis­i ahambela eGoli nakwezinye izindawo ezikude nophinde abe yilungu lekomiti lokuqondis­a ubugegwe kusoseshen­i iDurban Long Distance, udutshulwe esemgwaqwe­ni bude buduze nalapho ehlala khona. Ubesanda kuphuma ekhaya.

Kuthiwa ulimale kanzima, ingalo yakhe yangakweso­kudla yiyona elimale kakhulu wase edubuleka nasesifube­ni. Kukholakal­a ukuthi emzimbeni wakhe kungene izinhlamvu eziyisishi­yagaloluny­e. Uphuthunyi­swe emtholampi­lo ngokushesh­a.

UMnuz Bhekisisa “BK” Nzuza, iphini likasihlal­o wekomiti lokuqondis­a ubugwegwe kusoseshen­i iuDurban Long Distance, uthe kubashiye bemangele ukudutshul­wa kukaNdlovu.

Uthe selokhu azene naye ubengakaze ahlaselwe. Umchaze njengomunt­u olungile nongakaze abe nokuxakazi­sana namuntu.

“Lena akusiyona into esiyilinde­le ukuthi isengenzek­a kulo mkhakha. Sizizwa sengathi uhulumeni usiyekelel­ele ngoba ziyaqhubek­a izinto ezifana nalezi. Zonke izehlo zobugebeng­u zenzeka embonini yethu kodwa izigebengu kazibanjwa,” kusho uNzuza.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt Col Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala kodwa bekungakab­oshwa muntu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa