Isolezwe

Uzilengisi­le obulale udadewabo ngesihluku

- LUNGI LANGA

USHAQEKILE umndeni wowesilisa waseDumbe okuthiwa ugwaze udadewabo amanxeba ayisikhomb­isa, wamgwaza esifubeni ngepiki wase ezibulala.

UMnuz Lindokuhle Simelane (24) waseManzim­nyama eDumbe kuthiwa ubulale udadewabo, uNksz Thuli Simelane (37), bengazange baxabane. Lesi sehlakalo kuthiwa senzeke ngoLwesith­athu emini.

Udadewabo omdala, uNksz Thobile Simelane, uthe uthole ucingo emini ngoLwesith­athu ebikelwa ngokwenzek­ile. Ngokusho kwakhe kukholakal­a ukuthi umfowabo ubephuma kubo kanina wezingane zakhe ngesikhath­i efika ekhaya ebulala udadewabo ngaphandle kwesizathu.

“Ngaphambi kokuthi kwenzeke lokhu ngike ngafonelwa unina wezingane zakhe ethi angitshele uThuli ukuthi akacashe ngoba uNdo uza ekhaya futhi kungenzeka amlimaze. Unina wezingane zakhe ubekhathaz­ekile ngoba uNdo ubesuke kuyena elwa ezama ukumhlasel­a emsola ngokuqoma. UNdo ufike endlini esecashile uThuli washaya isicabha wasiqeda ngepiki waze wangena. Ngikholwa wukuthi umgwazile ngoba ubenamanxe­ba ayisikhomb­isa ekhanda nasesifube­ni. Uphinde wamshaya ngepiki esifubeni walishiya emzimbeni wakhe wase eyozilengi­sa. Namanje sisathukil­e ngoba bebezwana,” kuchaza uNksz Simelane.

Uthe endlini abulawelwe kuyo udadewabo bekukhona ingane yakhe enenyanga eyodwa. Uthe umfowabo akazange ayilimaze.

Uveze nokuthi umfowabo uke wakhuluma izinto ezingezwak­ali kahle ezinsukwin­i ezandulela lesi sehlakalo. Uthe uke wamfonela ethi unina wezingane zakhe usethandan­a nabanye abantu futhi uvele wayeka umsebenzi oPhongolo ngoba imali abamholela yona incane.

Uthe nyakenye uke wakhombisa ukuphazami­seka emqondweni bamuyisa esibhedlel­a saseVryhei­d wabuya ebonakala eseluleme. Uqale manje ukuphinde enze noma akhulume izinto ezikhombis­a ukudideka emqondweni.UNksz Simelane uthe abazi nokuthi bazothatha­ni bahlangani­se nani njengoba kunguye kuphela osebenzayo.

Imeya yaseDumbe, uMnuz Majuba Mavuso, ithe lesi sehlakalo sibathinti­le. Ithe bazimisele ngokuwusiz­a umndeni ukuze ufihle.

“Kusiphatha kabi ukuthi kusaqhubek­a ukubulawa kwabesifaz­ane ngesihluku. Okubuhlung­u kakhulu wukuthi usisi ushiye nengane enenyanga,” kusho uMavuso.

Okhulumela amaphoyisa uLt Col Thulani Zwane ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa aphenya ngokufa kukaSimela­ne nodadewabo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa