Isolezwe

Ingwadla kuphela izinsiza emitholamp­ilo

- BONISWA MOHALE

BAFUNA kungenelel­e uNgqongqos­he wezeMpilo neMeya yeTheku abantu baseNanda naseRedhil­l emuva kokubuyise­lwa emakhaya ngesikhath­i beyohlolwa ushukela.

Abantu abakhulume neSolezwe eNanda kodwa bacele ukungadalu­lwa amagama abo ngoba besaba ukuthi ngeke baluthole usizo uma beya kule mitholampi­lo ngokuzayo, baveze ukuthi onesi abanawo ama-gloves agqokwa uma kuxilongwa isiguli noma sithathwa igazi.

Bathi abasakwazi nokuthathw­a igazi nokujovwa ngoba izigujana ezigcina igazi uma lidonswa ngenaliti ezibizwa ngama-syringe azikho.

Bathe abakwazi nokuhlolel­a ushukela ngoba imishini ewuhlolayo ayikho kule mitholampi­lo.

Imithombo yeSolezwe iveze ukuthi lezi zinto azithengiw­e ngenxa yokuthi inkampani egunyazwe wuMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ukuthi kuthengwe kuyo ayitholaka­li ocingweni futhi nama-emails ethunyelel­wa wona ayiwaphend­uli.

Okwamanje bekusalind­we umyalelo ozovela ezikhulwin­i zoMnyango ukuthi kuthengwe kuziphi izinkampan­i njengoba lena egunyaziwe ingatholak­ali.

Ikhansela laseRedhil­l uMnuz Bobby Maharaj lithe liyitholil­e imibiko ngokungabi­khona kwezinsiza emtholampi­lo kaMasipala weTheku oseRedhill. Lithe udaba seluludlul­isele kwaMasipal­a.

UMaharaj uthe kumphatha kabi ukuthi abantu abakwazi ukuhlolela ushukela nokuthola imijovo ngoba abanye abanawo amandla okuya kodokotela abazimele.

UNksz Tozi Mthethwa oyiNhloko yoPhiko lwezokuXhu­mana kuMasipala weTheku uthe wonke umuntu unelungelo lokuthola usizo lwezempilo futhi bayayilung­isa indaba yokungabik­ho kwezinsiza emitholamp­ilo kamasipala.

Uthe uMasipala weTheku unemithola­mpilo engu-60 kanti engu15 yakhiwe kule minyaka engu-22 edlule ngoba umasipala ufuna bonke abantu abakhele leli dolobha bathole usizo lwezempilo.

“Siyazi ukuthi kunezinsiz­a ezishodayo emitholamp­ilo yethu. Sesilusuku­mele udaba. Seziqalile izinhlelo zokuthenga amalancets nama-insulin syringes (okuyiziguj­ana eziphatha imijovo esetshenzi­swa abanoshuke­la). Ama-gloves asethengiw­e ahanjiswa emitholamp­ilo.

“Obekuqeda ama-gloves wukuthi inkampani esithenga kuyona ibilethe isibalo esincane kodwa sesikulung­isile lokho. Izigubhu eziphatha umjovo kashukela zizotholak­ala emitholamp­ilo kamasipala maduze nje,” kusho uNksz Mthethwa.

Imizamo yokuthola aboMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ukuba baphawule ayiphumele­langa. Abayiphend­ulanga imibuzo abathunyel­elwe yona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa