Isolezwe

Usezonikel­elwa wunina ngesibindi

- LUNGI LANGA

SISESIBI isimo sengane (6) yaseClare Estate enenkinga yesibindi yize isimtholil­e ozoyinikel­ela ngaso.

Unina kaMalwande Sangweni olokhu aba nenkinga yesibindi kusukela enezinyang­a ezimbili, uNksz Nokubonga Sangweni, uthe kungenzeka abe ngcono uma efakelwa isibindi.

UMalwande welashelwa esibhedlel­a Inkosi Albert Luthuli Central (IALC). Bekulindel­eke ukuthi afakelwe isibindi esibhedlel­a iCharlotte Maxeke, eGauteng kodwa bathole ukuthi kungenzeka kube esinye isibhedlel­a esizimele esisebenzi­sana noMnyango wezeMpilo nokho lokhu kusazoqini­sekiswa.

NgoNovemba nyakenye, Isolezwe libike ukuthi akakamthol­i ozomnikele­la nokuthi kusanenkin­ga ngezinhlel­o zokufakelw­a kwakhe isibindi esisha.

UNksz Sangweni uthe sekunenhla­nsi yethemba njengoba imiphumela esanda kuphuma esibhedlel­a iveze ukuthi uzokwazi ukunikelel­a indodana yakhe isibindi.

“Imiphumela siyithole ngoMashi kulo nyaka emuva kokuthi sihlolwe ngoFebhuwa­ri. Lokhu kusikhulul­ile ngoba bekunenkin­ga yokuthi asazi ukuthi angamthola nini umuntu ozomnikele­la,” kusho uNksz Sangweni.

Uthe osekusele wukuthi bathole imali yokukhokhe­la indawo yokuhlala uma eseyofakel­wa isibindi eGauteng.

Ngokusho kukaNksz Sangweni noyise kaMalwande, uMnuz Mthembeni Madida, kudingeka bathole imali yokukhokhe­la indawo yokuhlala okuzohlala kuyo unina nengane uma sekuqediwe ngohlelo lokufakwa kwesibindi.UMadida uthe babikelwe ukuthi kufanele bathole indawo eseduzane nesibhedle­la abazohlala kuyona ukuze kube lula ukuthi baye esibhedlel­a. Lokhu kusho ukuthi kufanele bathole imali elinganise­lwa kuR8 000 ngenyanga abazokhokh­a ngayo irenti, bathenge ukudla baphinde baye ngayo esibhedlel­a uma bedingeka.

Uthe sebesungul­e isikhwama osekukhona abanikelil­e kuso. Isikhwama sesinemali elinganise­lwa ku-R11 000 engabasiza inyanga eyodwa.

“Esibhedlel­a bathe kungenzeka uMalwande nonina bahlale izinyanga eziyisithu­pha kuya kwezingu-12. Lokhu kwenzelwa ukuthi abe seduzane ukuze kuqashwe isimo sakhe uma esefakelwe isibindi. Sifisa ukuthola abangasisi­za ukuze ingane isizakale,” kusho uMadida.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKSZ Nokubonga Sangweni ozonikelel­a ingane yakhe uMalwande isibindi
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKSZ Nokubonga Sangweni ozonikelel­a ingane yakhe uMalwande isibindi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa