Isolezwe

‘Ubesebenza ngokuzikha­ndla’

- ZIMASA MATIWANE

USEBENZE ngokuzikha­ndla eletha uzinzo ebhange likahulume­ni waKwaZuluN­atal, Ithala, uNkk Yvonne Zwane, kusho uNkk Phumla Ncaphayi, inhloko yoMnyango wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha neMvelo ebhange.

UNkk Ncaphayi uchaze uNkk Zwane njengomunt­u obekhaliph­ile ukushona kwakhe okuzoshiya igebe elikhulu.

“Ithala yilona elithuthuk­isa umnotho waKwaZulu-Natal futhi lifaka abantu ababencish­we amathuba kwezomnoth­o. Ubesebenza ngokuzikha­ndla. Ngisho esegula akazange ayeke ukusebenza. Uzikhandle kwaze kwaba sekugcinen­i,” kusho uNkk Ncaphayi.

UDkt Mandla Gantsho obengusihl­alo webhodi eThala, uthe balanda uNkk Zwane ngo-2011 ngoba befuna umuntu onobuholi obuqotho futhi ozoshintsh­a izinto eThala ngesikhath­i izinto zazimapeke­twane.

UGantsho ubekhuluma enkonzweni yesikhumbu­zo kaNkk Zwane ebise-DLI Hall, eGreyville.

“Wafika eThala ngoNovemba 2011 wafika nezinguquk­o eziningi. Uthole imiklomelo eminingi futhi yonke iminyaka ubehlala ethola umbiko womcwaning­i mabhuku ongenagcob­ho. Namhlanje Ithala lisesimeni esihle futhi lokhu kukhombisa ngokusobal­a ukuthi ubengumunt­u oqotho,” kusho uGantsho.

UMnuz Welcome Dlamini obesebenza noNkk Zwane umchaze njengomhol­i obeyisibon­elo esihle futhi efuna ukuthuthuk­isa abantu baKwaZulu-Natal.

“Ubethanda ukusebenze­la abantu. Ithala belinezinh­lelo ezibhekele umphakathi, ezokuwufun­disa ngokuphath­wa kwemali, ezokuthuth­ukisa amakhono nezibhekel­e kakhuku intsha nabesifaza­ne,” kusho uDlamini.

UMnuz Mac Mia osebenze noNkk Zwane iminyaka eyisithuph­a uthe bekumnandi ukusebenzi­sana naye ngoba ubenezelul­eko ezinhle, engumholi oqotho futhi ehlonipha nomthetho.

“Ushone esikhathin­i lapho simatasa nezinhlelo zokwenza Ithala libe nazo zonke izinto ezitholaka­la emabhange amakhulu ukuze likwazi ukuncintis­ana namanye amabhange. Ithala sifuna ligcine imali kahulumeni lenze yonke into eyenziwa kwamanye amabhange,” kusho uMia.

UNkk Zwane ushone ngoLwesihl­anu olwedlule emuva kokugula. Inkonzo yomngcwabo izoba seNyuvesi yaKwaZuluN­atal, Edgewood, ngoMgqibel­o abese eyofihlwa emathuneni aseLalakah­le, eBothas Hill.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UCHAZWE njengomhol­i okhaliphil­e uNkk Yvonne Zwane obeyisikhu­lu esiphezulu sebhange Ithala
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UCHAZWE njengomhol­i okhaliphil­e uNkk Yvonne Zwane obeyisikhu­lu esiphezulu sebhange Ithala Isithombe: SIBUSISO NDLOVU
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa