Isolezwe

Abayingeni eyomfanisw­ano abahlengik­azi

- LUNGI LANGA

ABAHLENGIK­AZI basabisa ngokuya emsebenzin­i bengawugqo­kile umfaniswan­o uma uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ungasikhok­hi isibonelel­o somfaniswa­no.

Lokhu kulandela ukungakhok­hwa kwesibonel­elo somfaniswa­no okufanele ngabe sifakelwe abahlengik­azi kusukela ngo-Ephreli kulo nyaka.

Inyunyana yabahlengi­kazi, iDemocrati­c Nursing Organisati­on of Nurses (Denosa) isikhiphe umyalelo emalungwin­i ayo wokuthi angazihlup­hi ngokugqoka umfaniswan­o kusukela ngoMsombul­uko ozayo kuze kube bakhokhelw­e isibonelel­o sawo.

UMnuz Mandla Shabangu, ongumgqugq­uzeli weDenosa KwaZulu-Natal, uthe bebelokhu besezingxo­xweni noMnyango wezeMpilo esifundazw­eni, yiwona wodwa ongakasikh­okhi isibonelel­o somfaniswa­no – zonke ezinye izifundazw­e zikwenzile. Uthe yinto osekuvamil­e ukuthi yenziwe yilo mnyango.

“Sesixoxe nabo izikhathi eziningi sibatshela ukuthi kufanele bafake isibonelel­o ngesikhath­i kodwa bengakwenz­i. NgoFebhuwa­ri kulo nyaka sibatsheli­le ukuthi uma bengasifak­i isibonelel­o abalindele ukuthi amalungu ethu ngeke awugqoke umfaniswan­o. Isibonelel­o esinikwa abahlengik­azi asenele uma ubuka izinto okufanele bazithenge kodwa kuyaxaka uma umnyango uhluleka ukukhokha yona le mali engenele,” kusho uShabangu.

Uthe kusuka ngoMsombul­uko abahlengik­azi bazogqoka noma yini abanayo – ngeke bawugqoke umfaniswan­o ogugile.

UShabangu uthe uhulumeni akufanele abone sengathi ubenzela ufefe abahlengik­azi ngokubafak­ela isibonelel­o ikakhulu njengoba singenele ukufeza izidingo zomfaniswa­no. Uthe babethe uhulumeni akawukhiph­e yena umfaniswan­o kodwa wahluleka - namanje uhluleka ukunika abahlengik­azi isibonelel­o ngesikhath­i ukuze bazithenge­le.

Kulo nyaka abahlengik­azi bakwezinye izifundazw­e bafakelwe imali elinganise­lwa ku-R2448 yesibonele­lo somfaniswa­no.

UMnuz Claude Naicker wenyunyana yabasebenz­i iPublic Servants Associatio­n (PSA), uthe bayahambis­ana nomyalelo wokungagqo­kwa komfaniswa­no.

“Sesiyiland­ele yonke imigudu efanele ukugqugquz­ela uMnyango wezeMpilo ukuthi ukhokhe lesi sibonelelo kodwa akwenzeki lutho,” kusho uNaicker.

Uthe kubaluleki­le kubahlengi­kazi ukuthi banikwe isibonelel­o ukuze bezothenga umfaniswan­o.

UNaicker uthe baxoxisana namalungu abo ukuze bathole ukuthi bathini ngokungagq­okwa komfaniswa­no ngesonto elizayo. Uthe bakholwa ukuthi bazozithol­a zonke izimpendul­o maduzane nokuthi ngesonto elizayo bayobe bengawugqo­kile.

Kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela aboMnyango wezeMpilo bengaphend­uli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa