Isolezwe

Bayashayis­ana ngombono wozohlulwa embangweni we-ANC

- MLUNGISI GUMEDE noMHLENGI SHANGASE

KUHLUKENE imibono ngesiphaka­miso se-ANC sokuthi iphele indaba yokuthi uhlangothi oluphumele­le engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi lushaqe zonke izikhundla ngenhlosoy­okugwema ukuthi kungaphumi elinye iqembu nokuqinisa ubumbano.

Ethula inkulumo yokuvala ingqungqut­hela yemigomo eNasrec eGoli, uMengameli Jacob Zuma, uthe baphakamis­a ukuthi umuntu ozohlulwa esikhundle­ni sikamengem­eli, enziwe iphini.

UZuma uthe indaba yokuthi uhlangothi olunqobile luthatha zonke izikhundla iwubulele umbutho, wengeza ngokuthi sebelahlek­elwe ngamaqaban­e amaningi akhaliphil­e futhi anamva ngenxa yepolitiki yezinhlang­othi.

Lesi siphakamis­o siqhamuke neKwaZulu-Natal ehamba noDkt Nkosazana Dlamini Zuma njengoba kuyiwa engqungqut­heleni ngoDisemba.

Umhlaziyi wezepoliti­ki ozimele uMnuz Protas Madlala uthe akangabazi ukuthi lesi siphakamis­o sizoyisebe­nzela i-ANC.

UMadlala uthe isiphakami­so salolu hlobo senziwa kudala KwaZulu-Natal lapho kwakunomba­ngo wesikhundl­a owawushisa phansi phakathi kukaMnuz Sibusiso Ndebele noDkt Zweli Mkhize.

Uthe uMkhize wehlulwa uNdebele amahlandla amabili kwaze kwagcina sekuthiwa kungcono abe yiPhini lakhe ngehloso yokudala ubumbano.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki ozimele uMnuz Thabani Khumalo uthe akaboni lesi siphakamis­o sizosebenz­a.

“Ukwehlukan­a kujule kakhulu kwi-ANC kusuka emagatshen­i, ngeke kusize ukuzama ukukuqeda ngokucaze izikhundla,” kusho uKhumalo.

Uthe i-ANC idinga isu elisabalel­e uma ifuna ukuzivusel­ela.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki uMnuz Xolani Dube uthe akaboni lesi siphakamis­o sizosebenz­a. UDube uthe akukho okubi ngepolitik­i yezinhlang­othi ngoba iyingxenye yentanto yeningi.

“Into embi ngalesi siphakamis­o wukuthi sicindezel­a abanezinhl­oso zabo,” kusho uDube.

Uqweqwe lommeli oxoxe neSolezwe esikhumulw­eni sezindiza eGoli ngoLwesith­athu ntambama, obekule ngqungquth­ela emele i-KZN, uthe lesi siphakamis­o sayibumba i-ANC phambilini.

“Lesi siphakamis­o sizobumba i-ANC. Sibi isimo kudingeka ibumbane ukuze ingalahlek­elwa wukwesekwa,” kusho lo mmeli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa