Ubuye eyingqwele yesicishamlilo
OWESIFAZANE obuye eGermany nesicoco sokuba yingqwele yesicishamlilo emhlabeni jikelele, uthi ukutheza izinkuni nokuhamba amabanga amade yikona okumenza abe namandla.
UNksz Smangele Mbanjwa (30), waseHighflats oyiLeading Fire Fighter ophikweni lokucisha umlilo nokutakula kuMasipala weTheku, ushaye emakhanda zonke izintokazi ezenza lo msebenzi emhlabeni. Ubesemncintiswaneni weToughest Fire Fighter ngoJuni, obuhlanganise zonke izicishamlilo zamazwe.
“Ngakhulela emakhaya ngenza yonke imisebenzi edinga amandla. Ngazitshela ukuthi awukho umsebenzi owenziwa umuntu wesilisa engingeke ngiwenze. Angingabazanga ukuthi ngizothathwa kulo msebenzi ngesikhathi ngiyokwenza inhlolokhono ebihambisana nokuhlola amandla,” kuchaza uNksz Mbanjwa.
Uqale ukusebenza kulolu phiko ngo-2011 emuva kokuqeqeshwa izinyanga ezingu-10. Waqala eyiRecruit Firefighter, emuva konyaka waqhubeka nokuzifundisa eceleni, waba yiSenior Fire Fighter. Uqale ngonyaka odlule ukuba yiLeading Fire Fighter, okuyisikhundla esisondelene nokuba wumphathi wezicishamlilo. Uma umphathi wabo engekho, nguye ombambelayo, abhale imibiko yezigameko aphinde ahlele nethimba elisebenzayo. Umncintiswano awine kuwo uqale ezingeni lesifundazwe waphuma phambili wadlulela eCape Town eseyomela iKwaZulu-Natal, waphuma isibili.
“Sibuye eCape Town ngakhethwa nomunye ukuyoqhudelana namanye amazwe eGermany. Esigabeni sokuqala somncintiswano ngangingedwa owakuleli, ngaphuma phambili. Siqhubekile nokuncintisana ngaphuma unombolo 11 kwabangu-46 ebesiqhathwe nabo, kukhona nabesilisa . Kwabesifazane ngiphume phambili okungenza ngibe yingqwele yesicishamlilo,” kusho uNksz Mbanjwa.
Echaza ngezinselelo abebencintisana kuzo, uthe bekudingeka amandla nokushesha. Bebegijima nomfanekiso womuntu ongu90kg. Bebebuye baqukule imiphongolo emibili engamalitha angu-20, bagijime nayo emhhumeni. Kokunye bekumele bakhwele izitebhizi ezingu-16 beqe nodonga olungamamitha amathathu. Zonke lezi zinselelo bezikalelwe imizuzu emihlanu.
“Emsebenzini kunendawo yokujima, ngizinika isikhathi ngizivocavoce. Ngisho ngingekho emsebenzini ngiyajima, ngiqinise kakhulu ngesikhathi kuzoba nomncintiswano. Angidli noma yini, ngizama ukuzinakekela.”
UNksz Mbanjwa akenzi kuphela umsebenzi wokucisha umlilo kodwa ubuye ashayele, aphinde atakule abalimele ezingozini. Okumnika ugqozi wukwazi ukuthi uyisithenjwa njengoba eke asize nababhajwe ezimotweni. Ubekhona ethimbeni elicishe umlilo oshe isonto lonke embonini yamakhandlela kuSouth Coast Road, eThekwini ngoMashi.
“Uma sengiyongena emlilweni ngithandazela ukuthola isibindi sokuthi ngizophuma ngiphila, ngisindise nemiphefumulo,” emamatheka.