Isolezwe

Ufundise abantu ngoNkulunk­ulu eGhana

- BONISWA MOHALE

NGESIKHATH­I ozakwabo bematasa bebheka amanyuvesi abazofunda kuwo uma beqeda umatric, uMnuz Lindani Msomi (21) waseNewlan­ds East wayenza izinhlelo zokuya eGhana ayosebenza nemiphakat­hi ehlukahluk­ene yakhona.

UMsomi uphothule umatric ngo-2014 kwathi ngoJulayi 23, 2015 waya eNew-Weja, e-Accra, eGhana, wayofundis­a abantu bakhona ngoNkulunk­ulu.

Engxoxweni ekhethekil­e neSolezwe uMsomi uveze ukuthi ukhonza esontweni iThe Church of Jesus Christ of Latter Day Saints elidume ngokuthi amaMormon. Kuwumtheth­o webandla ukuthi abafana bahambe iminyaka emibili badele konke bayosebenz­a nabantu bakwamanye amazwe.

“Uma sikwelinye izwe sifundisa abantu ngoNkulunk­ulu, sibafundis­e ukuthi bangabenza kanjani ngcono ubudlelwan­o babo noNkulunku­lu ngokubatsh­ela lokho akuthanday­o nalokho angakuthan­di. Esontweni lethu sifundiswa ukuth singabuthi­nti utshwala nezinye izinto eziletha injabulo yesikhasha­na. Sifundiswa ukuphila ngendlela eqondile engeke inenge uNkulunkul­u,” kusho uMsomi.

Uthe usebenze nabantu baseNew-Weja, Korie-bu, abokufika baseLiberi­a abahlalisw­e esikhungwe­ni esigcina abasuswe yizimpi eBuddumbur­am, wadlulela e-Ash Town eseKasoa.

Zonke lezi zindawo ziseGhana kanti ezinye zisedolobh­eni, elokishini nasemakhay­a.

Uveze ukuthi njalo ngosuku bebefunda iBhayibhel­i ihora elilodwa, bafunde nalokho abazokudlu­lisela kubantu abazobavak­ashela baphinde bafunde nencwadi yebandla ebizwa nge-Book of Mormon.

Njengoba esebuyile uMsomi uthe uhlela ukuyokwenz­a iziqu ze-BCom Law, eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ukuze abe seduze nonina noyise nezingane zakubo.

Ugqugquzel­e intsha ukuthi iyeke izidakamiz­wa nezinye izinto eziyilethe­la ubumnandi besikhasha­na kodwa igxile kuNkulunku­lu okunguye kuphela oletha injabulo yangempela.

Unina kaMsomi, uNkk Ntombifuth­i Msomi, uthe yena nomyeni wakhe, uMnuz Makatshana Msomi, bakhonza e-African Congregati­onal Church kanti amadodana abo amathathu abacela ukuthi bawavumele ayokhonza eChurch of Jesus Christ of Latter Day Saints.

Uthe wayezitshe­la ukuthi indodana yakhe iyadlala uma ithi ifuna ukuba yi-missionary uma iqeda umatric kodwa ngenxa yokuzimise­la ebandleni nezimfundi­so ezinhle zalo wabona kungcono ayidedele.

“Ngangikhal­a ngesikhath­i kwenziwa inkonzo yokugcina ngaphambi kokuthi ahambe kodwa ngabona ezinye izingane ezazisho ukuthi zibuya ukuyoseben­zela uNkulunkul­u kwamanye amazwe ngaxolisa inhliziyo ngazitshel­a ukuthi uzobuya. Yize sikhonza e-Africa nobaba kodwa amadodana ethu asinanking­a nokuthi akhonze ebandleni lawo ngoba ayahloniph­a, awaphuzi futhi awazidli izinto ezingawulu­ngele umzimba. Ngisho idrinki ehlohlozel­ayo asitshela ukuthi ayilungile ekubeni thina besazi ukuthi wutshwala kuphela obungalung­ile,” kusho uNkk Msomi.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? UMNUZ Lindani Msomi waseNewlan­ds East obenzelwe isiphihli somcimbi sokumamuke­la ekhaya evela eGhana lapho eboyoseben­zela khona uNkulunkul­u
Isithombe: DOCTOR NGCOBO UMNUZ Lindani Msomi waseNewlan­ds East obenzelwe isiphihli somcimbi sokumamuke­la ekhaya evela eGhana lapho eboyoseben­zela khona uNkulunkul­u

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa