Isolezwe

Isidudla siphenduka iciko elingaciki ekamelweni

-

VUMANI bo! Siyavuma! “Wenzani umayihlome! Wenzani umayihlome, hhayi wethongo lami kanti ufuna ukwenzani! MaSolezwe ngikhuluma nani nje kushubile ngiyagida ngishunqis­a impepho esigodlwen­i sikaVVO Mkhize.

Bakwethu angifuni ukuqamba amanga ngifihle ukuthi ngiphuphum­a injabulo uma ngibona indlela azimise ngayo izinkamba zami umntaka Luphuzi. Uma izinkamba zami sezimiswe kahle kanjena nginokujab­ula emoyeni wami ngoba ekuqaleni ngaxoshwa ngazishiya kabuhlungu.

Okuyikhona esengikufi­sa emoyeni wami wukuthi uVVO avume ngivakashi­se intombi yami uMbali esigodlwen­i.

Le sicelo sokuvakash­elwa yintombi esigodlwen­i angifuni uMkhize asitolike kabi ngoba nami ngiphoqwa yisimo sokuthi ngiyakujab­ulela ukuba nomuntu wesifazane eduze kwami. Uma ngincishwa ithuba lokuvakash­elwa yintombi yami nginovalo lokuthi ngingase ngingene esilingwen­i sokuthi ngigcine sengishela amathwasa esithwasa nawo.

MaSolezwe ningezwa abantu benikhohli­sa bethi idlozi likaVolos liyinto engekho, umakhosi uVVO ulivuselel­e kabusha kuyimanje liveza imibono eyehlukene.

Ngikhuluma nje ebusuku ithongo lifike langitheth­isa lathi anginitshe­le ukuthi umuntu nomuntu kufanele avikele isici somuntu athandana naye.

Idlozi lithi angisho ukuthi umuntu othandana naye ubeke ithemba lakhe kuwena ukuthi uchazele abantu ngesici sakhe ukuthi asisibi ngendlela abantu abasibuka ngayo. Umuntu wesifazane othandana nendoda enomkhaba kufanele achazele abantu ukuthi iyakwazi ukuwukheca ujike ufane nethafa ongathi yinkudla yokudlalel­a ibhola.

Iqiniso lithi ukube amadoda anemikhaba ebheda ngedlela echazwa ngayo kufanele ngabe awathandan­i namuntu.

Kungenxa yalesi sizathu ithongo lithi abesifazan­e abahlekisa­na namadoda anemikhaba kufanele bahlambulu­ke basho ukuthi ngaphansi kwentaba enkulu kuhlala inyoka enkulu enemibala yenjabulo.

Idlozi liphinde langidonsa ngendlebe lathi angitshele amadoda athandana nebesifaza­ne abayizidud­la ukuthi awakhulume iqiniso asho ukuthi izidudla ziyadudluz­ana. Kungumsebe­nzi wamadoda athandana nezidudla ukuthi achaze ukuthi izidudla lezi ungazibuka ucabange ukuthi zingamavil­a kanti awubuzanga elangeni ngoba zikhuthele zisebenza kuze kukhathale umuntu oqale umsebenzi.

Umuntu ongazi angenza iphutha acabange ukuthi isidudla siqhubeka nobududla nasekamelw­eni kanti siyajika siphenduke isilenda esiyiciko elingaciki.

Ithongo liphinde lathi ngingaliba­li ukunxusa amadoda ukuthi achaze THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. ukuthi otakwethu laba okuhlezi kukhulunyw­a ngabo kuthiwe abafuneki bayimicame­lwana ethandekay­o emadodeni.

Amadoda niwabona ethule nje ahlezi nemfihlo yokuthi otakwethu bathofozel­a kamnandi futhi bayasiza nasekuleth­eni ubuthongo.

Kanjalo nabantu besifazane kufanele bangavumi kuhlekiswe ngamadoda anempandla ngoba bayalazi iqiniso lokuthi kumnandi kanjani ukukhonga ubuthongo ngokuthi uziphulule­le impandla yendoda yakho.

Idlozi lami liphethe ngokungits­hela ukuthi bonke abantu abathandan­a nezidakwa kufanele bahlambulu­ke bakhulume iqiniso basho ukuthi izidakwa zabo zidakelwa emqondweni.

Umuntu ongazi angaze adabuke uma ebona umuntu ebekezele ethandana nomuntu ohlala edakiwe kanti yena uyazi ukuthi akadakelwa ekamelweni.

Umuntu ungambuka uthi udakiwe athi uma esefika ekamelweni aphenduke umqemane ojike wedlule ngisho umuntu okuthiwa uziphuzela ubisi nedilinki.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa